
USebelebele ujabule, unesicelo kubalandeli bePirates
Uveze ukujabula kwakhe ngokuthi bakwazile ukubuyela emgqigqweni wabo wokunqoba uKamogelo Sebelebele we-Orlando Pirates.
Lo mdlali uwuqalile umdlalo weBetway Premiership abashaye kuwo iKaizer Chiefs ngo 3-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
“Size lana sinomqondo wokuthi sifuna ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uSebelebele.
“Sibonga uMdali ukuthi sikwazile ukusheshe sithole amagoli ukuze sikwazi ukunqoba umdlalo.
“Inhloso yethu kule midlalo yakamuva bekuwukuthi sithole igoli emizuzwini engu-15 yokuqala, kodwa ngeshwa sihlulekile emidlalweni edlule.
“Kodwa siqhubekile nokuzimisela, sabheka emidlalweni elandelayo futhi namanje njengoba sesinqobile sesibheke olandelayo.
INHLOSO YISICOCO SELIGI
UKamogelo Sebelebele ugcizelele ukuthi basasifuna futhi basazosilwela isicoco seligi kule sizini.
“Lo mdlalo bewubalulekile kithi ngoba lamaphuzu azosisiza enhlosweni yethu yokungoba isicoco seligi.
“Ngokwazi ngijabule kakhulu ukuthi ngidlale idabhi yami yokuqala futhi sanqoba,” kuqhuba uKamogelo Sebelebele.
“Ukuqokwa ngibe nguMdlali oVelele kuyibhonasi kimi. Besingenzi kahle ngaphambi kwalo mdlalo.”
ISICELO KUBALANDELI
Ube esenxusa abalandeli ukuthi baleseke noma kungahambi kahle iqembu, bangakhulumi izinto ezibaphula imimoya abadlali.
Uke washuba umoya kubalandeli kulandela ukuhlulwa imidlalo emibili kulandelana, nokubathusile.
“Kubalandeli ngithi, sicela baseseke bagweme ukusikhubaza umoya. Siyakudinga ukwesekwa yibo ngoba ngaphandle kwakho asilutho thina,” kusho uSebelebele.
FUNDA NALA | OweChiefs ukhale ‘ngobuqili’ bePirates
Emdlalweni olandelayo iPirates izobhekana nePolokwane City ngoLwesithathu ePeter Mokaba Stadium.
Ngalokhu kunqoba, ingcindezi ibuyele kwiMamelodi Sundowns ezodlala neSekhukhune United ngoSonto ntambama.
