Ezintsha

Kuvela okuzoshiyisa uPitso kwelase-Iran

I-Esteghlal FC ibonakala ithuthuka kancane ngaphansi kwesandla sikaPitso Mosimane, nokho, izinto azikho zinhle kwalo mqeqeshi nekilabhu.

Sekuvele ukuthi lo mqeqeshi owazakhela igama egila izimanga neMamelodi Sundowns sekuphele izinyanga ezimbalwa engawutholi umholo wakhe kwi-Esteghlal.

Izizathu zokuthi kungani leli qembu lihlulekile ukukhokhela lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika azikaveli.

Kodwa imibiko evela e-Iran iveza ukuthi leli qembu linezinkinga zemali. 

Kubikwa ukuthi usihlalo walo wehlulekile ukufaka imali eqenjini muva nje.

Ngokombiko, ithimba labameli bakaMosimane lifake isaziso esisemthethweni kwi-Esteghlal.

Linxusa ukuthi akhokhelwe yonke imali akweletwa yona zingakapheli izinsuku ezingu-15. 

Ukwehluleka ukufinyelela kulo mnqamulajuqu kuzonikeza uMosimane ilungelo lokunqamula inkontileka yakhe nale kilabhu, ngokuhambisana nemithetho yeFifa.

UMoira Thagale,oyimenenja kaMosimane, uziqinisekisile lezi zinsolo, wathi, “Kuyiqiniso, sikweleta imali.” 

UMosimane usehole iqembu lanqoba kathathu, wadlala ngokulingana kweyisithupha wahlulwa kathathu.