EzintshaKaizer Chiefs

Akudikizi nqulu kuBvuma ngokugxekwa kwabo

Unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, ugcizelela ukuthi inkulumompikiswano eqhubekayo mayelana nezinga labadlali eqenjini ayimkhathazi neze.

Abalandeli beChiefs, abakhungathekiswe yiminyaka ebheke eshumini bengenayo indebe, bacele ukuthi iqembu alisayinise abadlali abasha ngewindi likaJanuwari. 

Ingcindezi inyuke kakhulu ngemuva kokuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi eveze isidingo sabadlali abangcono ukuqinisa iqembu.

Naphezu komsindo, uBvuma uthi akudikizi nqulu kuye ngalokhu kukhuluma okukhona.

“Hhayi-ke sonke siyazi ukuthi uma udlalela leli qembu, wonke umdlali ongaphakathi nangaphandle kwaleli zwe ufisa ukuza azothatha umsebenzi wakho.

“Bazohlezi befuna ukuza bazodlala lapha,” kusho uBvuma ngoLwesibili.

“Ngakho-ke, uma ulapha, futhi unikezwa ithuba lokudlala, kufanele usebenze kanzima futhi ulibambe ithuba lakho.

“Noma yini eshiwoyo ayisithinti – ayingithinti njengomdlali, kodwa ngilokhu ngigxile emsebenzini wami nokusebenza kanzima.”

IChiefs inerekhodi lesibili elibi kunawo wonke wokuvala emuva kwiligi njengoba uwodwa kuphela umdlalo engangenelwana goli kuwo kwengu-11. 

Kulowo mdlalo kwakuvimbe uBvuma ngesikhathi benqoba ngo 1-0 beshaya iChippa United emdlalweni wabo wokugcina ngonyaka odlule.

Lo nozinti oneminyaka engu-29 ubudala ugcizelela ukuthi ukungangenelwa goli yinto yeqembu, hhayi umdlali ngamunye.

“Ukungangenelwa goli kuzokwenzeka, futhi akukhona ukuthi yimina, noma uBrandon Petersen noma uFiacri Ntwari, noma uBontle Molefe odlalayo, kodwa yinto yeqembu,” kuqhuba yena.

“Ngakho-ke uma iqembu lidlala kahle, uma sivala kahle emuva njengeqembu, nakanjani kuzokwenzeka singangenelwa goli.”