
ULeaner uveza okumjabulise ngokujoyina iChiefs
Unozinti omusha we-Kaizer Chiefs u-Renaldo Leaner usekhulume okokuqala kusukela ejoyine leli qembu ngemuva kokwehlukana neSekhukhune United.
Lo nozinti ube ngomunye wabadlali abaningi abadedelwe yileli qembu laseLimpopo ekupheleni kwesizini edlule.
Uthi bekuyiphupho lakhe elidala ukudlalela iChiefs. Lo nozinto oneminyaka engu-28 ubudala ujoyine Amakhosi mahhala.
Ngesikathi ekhula wayebuka u-Itumeleng Khune njengeqhawe lakhe lakuleli futhi efisa ukufana naye.
Wayethanda noManuel Neuer no-Edwin Van Der Sar kwabaphesheya. Uthi bamfundisa ukuthanda ukuba unozinti ngokubabukela kumabonakude.
“Ngikhethe iChiefs ngoba sekukudala ngifuna ukudlala lapha,” kusho uLeaner.
Uthi izindawo zokuqeqeshela eNaturena Village zamethusa ngobuhle bazo.
U-Renaldo Leaner uthi afike wakubona ekomkhulu le-Kaizer Chiefs yindawo yokuziqeqeshela esezingeni lomhlaba.
“Okokuqala ukufika kwami eNaturena kwaba ngesikhathi ngizosayina,” kusho yena.
“Ngethuka futhi ngathokoza ngalokho engakubona lapho bengibonisa indawo.
“Konke kukhona lapha futhi kwenza indawo yokuziqeqeshela ibe ngeyezinga lomhlaba.”
Ukufika kwakhe kuqinisa ukuncintisana konozinti njengoba ezobanga noBruce Bvuma uBrandon Petersen, uFiacre Ntwari noTakalani Mazhamba.
- FUNDA NALA | Uvuka ngeqembu e-Indonesia uBlom
Lo nozinti akangenelwanga goli emidlalweni engu-15 kwengu-45 ayidlale ngesikhathi sakhe kwiSekhukhune.
U-Renaldo Leaner njengamanje usekhempini ne-Kaizer Chiefs eSpain la belungiselela khona isizini entsha.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
