
Ngathi kuyamlungela e-Indonesia uNjabulo Blom
Ziyaphela izinsuku zokuntunta nendishi kumdlali owazakhela igama kwiKaizer Chiefs u-Njabulo Blom njengoba kuvela ukuthi usezothatha uhambo olusha e-Asia.
UBlom, oke waba semabhukwini e-St. Louis City e-USA, kuvela ukuthi uzophothula ukuthuthela kwakhe kwiBorneo FC Samarinda yase-Indonesia.
Lo mdlali waphakathi nendawo esiswini usevele useshiyile eNingizimu Afrika futhi usekulungele ukuqala isahluko esisha emsebenzini wakhe webhola.
Lesi kuyisinyathelo esikhulu ku-Njabulo Blom njengoba ebheke inselelo entsha ezweni elikude.
UBlom wazakhela igama elihle kwiKaizer Chiefs lapho ayeyingxenye ebalulekile yeqembu futhi wadlala imidlalo eminingi.
Ngemuva kwalokho wathuthela kwiSt. Louis City e-US lapho aqhubeka khona nokuthuthukisa ikhono lakhe.
Ngesizini edlule ubekwiThep Xanh Nam Dinh FC yaseVietnam kodwa izinto azangamhambela kahle njengoba engadlalanga nakanye.
- FUNDA NALA | ElaseGhana lifuna uTinkler
Ube esekhululwa ekupheleni kwesizini ehambisana nozakwabo wakuleli uPercy Tau.
Manje u-Njabulo Blom usebheke phambili kule nselelo entsha e-Indonesia, lapho ibhola likhula ngesivinini esikhulu.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
