DStv PremiershipEzintsha

UTruter uthembisa ukudivosa izembe kwiRichards Bay

UBrandon Truter ubuyele kwiRichards Bay FC enezifiso ezinkulu ngallei qembu elisinde ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule.

IRichards Bay ibuye kuma-playoffs ngemuva kokuqeda isizini edlule isendaweni ka-15 kwilogi.

Kodwa manje yisikhathi sesiqalo esisha kwiRich Boyz njengoba sekubuye lo mqeqeshi.

Futhi uTruter uthembise ukuthi izembe negama laleliqembu yinto okungeke kukhulunywe ngayo emushweni owodwa.

“Sifuna ukusuka kuleso simo,” kusho uTruter. “Umgomo wethu (ngalesi sikhathi sonyaka) wukuba yiqembu elikwiTop 8.”

UTruter, oseke waqeqesha iMoroka Swallows, AmaZulu neSekhukhune United, unerekhodi elihle kule ligi.

“Angikaze ngiqede ngaphandle kweTop 8 ngaphambilini,” kwengeza uTruter.

IRichards Bay iphendukela kuTruter ngemuva kokuhlukana noVusumuzi Vilakazi obengathokozile ngakubekelw eukuba akuzuze.

Kodwa uTruter ukholwa ukuthi angakwazi ukufeza izifiso zeqembu futhi uthi useqalile ukufaka isiko lokuwina.

“Kubalulekile ukugxilisa isiko nokwakha isimo somqondo wokunqoba.

 “Sakhe isimo esenza singakusabi ukunqoba. Sesisondele kakhulu ekubeni lapho sifuna ukuba khona.”

IRich Boyz iqala umkhankaso wayo weBetway Premiership ngeSonto ntambama ngo-3 ntambama.

Izokwamukela i-TS Galaxy eKing Zwelithini Stadium emdlalweni othembisa ukushuba nokuba mnandi.