
Isikhulu seChiefs sikhokhe izizumbulu sidivosa
Umphathi omkhulu weKaizer Chiefs usekhokhe isamba semali esingu-R2.2 million esizophuma emalini yempesheni ukukhokhela abeshade naye.
Le mali iyingxenye yesinxephezeko sokwehlukanisa kwabo, okuyinto okubikwa ukuthi ishaqise abantu abasondelene nalesi sikhulu.
ISunday World ibika ukuthi lo mphathi — ongomunye wezingane zikaKaizer Motaung, ongusihlalo wekilabhu — wafaka isicelo sesahlukaniso ngonyaka odlule.
Kuthiwa wabieka ukuthi ubudlelwane bakhe nalo abeshade naye sebumuncu ngendlela yokuthi ngeke besakwazi ukubuyisana.
Umshado wabo uphele ngokusemthethweni muva nje, lapho iNkantolo eNkulu yaseGoli ivuma ukuba bahlukanise.
Amaphepha enkantolo aveza ukuthi le mali engu-R2.2 million izophuma esikhwameni semali yempesheni iFundsAtWork Umbrella Pension Fund.
Abalesi sikhwama bayalelwe ukuthi badlulisele leyo mali ngokufanele kuloyo okumele iye kuye.
Njengengxenye yesivumelwano, lo mphathi uzogcina umuzi wabo oyisithabathaba oseGoli.
Owayengumlingani wakhe uzothola imoto yohlobo oluphambili iSUV, ifenisha yasendlini, nokwesekwa ngemali yokuphila yanyanga zonke.
Lo mphathi uvumile ukukhokha kanje:
- u-R2 000 wesondlo sengane nyangazonke,
- u-R7 500 wezindleko zendawo yokuhlala yalowo abeshade naye okumele ibe yibanga elingaphansi kuka-20km ukusuka ekhaya labo elidala.
Lo mphathi weChiefs kuthiwa waqala izinhlelo zesehlukaniso, ebhaka emaphepheni asenkantolo ukuthi ubudlelwane babo “bubi ngendlela engenakulungiseka.”
Wathi lokhu kungenxa yezinhloso zempilo nendlela yokuphila engafani.
Noma owayengumlingani wakhe ekuqaleni wayehlose ukuphikisana nesahlukaniso, lolu daba lugcine luxazululwa ngaphandle kwenkantolo.
Umphathi weChiefs, ongeke agagulwe ngegama ngezizathu zomthetho, wakubeka kwacaca ukuthi: ubudlelwane babo abusakwazi ukulungiseka.
Futhi manje usezogxila ekuqaleni isahluko esisha, ngokwempilo yakhe yangasese nangokomsebenzi.
