EzintshaMTN8

Ribeiro: “Sifuna iMTN8 – akukho zaba kulokhu”

Ngemuva kokuhluleka emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu ngonyaka odlule iSundowns izimisele ukulungisa izinto. 

Ihlulwe kuyo yomibili imilenze yiStellenbosch FC ngesizini edlule kulesi sigaba.

Kodwa kulokhu uRibeiro uyafunga uyagomela ukuthi kuzojika izinto futhi le ndebe iya eChloorkop. 

Umkhankaso wokubuyisela le ndebe eChloorkop uqala ngomdlalo ozoba ngeSonto kusihlwa la bezobhekana khona neRichards Bay eLucas Moripe Stadium. 

Umdlalo uzoqala ngo-6 ebusuku. “Ngumdlalo obaluleke kakhulu lona,” kusho uRibeiro. 

“Kumele sishiye konke enkundleni. Kumele sizame size siphele amandla ukuze sithole umphumela omuhle. Inhloso ilula — ukunqoba le ndebe.”

ISundowns yagcina ukuphakamisa indebe yeMTN8 ngo-2021, lapho yahlula khona iCape Town City kowamanqamu. 

Kusukela lapho, le ndebe ivele yaphenduka insipho emanzi kwiSundowns yize ibusa kwiligi yakuleli.

URibeiro, odle imiklomelo eminingi kumaPSL Awards, okufaka phakathi iFootballer of the Season, uthi iqembu linentshisekelo futhi seliyilungele inselelo.

“Silindele umdlalo omuhle. Sesikubheke ngabomvu ukuphinde sihlangane neYellow Nation (abalandeli beSundowns). 

“Ukusesekela kwabo kuzobaluleka kakhulu njengoba siqala isizini entsha,” kuqhuba lo mdlali odabuka eBrazil.

Njengoba ingalishintshanga kangako iqembu layo, iSundowns iqala umkhankaso wayo wango-2025/26 ngenhloso yokuzibekisela indawo kweyandulela owamanqamu kwiMTN8. 

I-MTN8 iyona ndebe engeningi ekhabetheni lezindebe eChloorkop futhi okubukeka ifuneka kakhulu. 

ULucas Ribeiro nalo lonke iqembu leSundowns sebezimisele ukukuguqula lokho — kanti lokho kuqala ngoSonto ebusuku.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO