EzintshaMTN8

Luguqile Usuthu, iStellies isibheke olandelayo kwiMTN8

Lo mdlalo bewuse-DHL Stadium ngeSonto ntambama kanti ube ngumdlalo ogcwele izigemegeme – ezithokozisayo nezingezinhle. 

USanele Barns weStellies nguyena obe yiqhawe kulo mdlalo ngokushaya amagoli amabili ukusiza iqembu lasekhaya linqobe.

AmaZulu yiwo athole igoli kuqala ngomzuzu ka-18 lapho umdlali omusha uKeagan Allan ehlokolozela ibhola enethini. 

Kodwa iStellies isheshe yaphendula ngemuva kwemizuzu eyisikhombisa nje kuphela – ishaya igoli lokulinganisa. 

Ukuhlasela okusheshayo kuphethe nogkuthi uBarns aqobele ibhola enethini ngemuva komsebenzi omuhle kaDevin Titus.

Usuthu lubhekane nenkinga ngemuva kwaleli goli njengoba unozinti uRichard Ofori elimalile, kwaphoqeleka ukuthi akhishwe indawo yakhe yathathwa ngu-Olwethu Mzimela. 

Esiwombeni sesibili, iStellies ihambe phambili ngegoli likaBarns, kodwa uTebogo Mashigo wabuyisela Usuthu emdlalweni.

Umdlalo ube sewuphela zibambene ngo 2-2, jwayiwa esikhathi esengeziwe okube yilapho umdlali okhuliswe yiwo AmaZulu, uLangelihle Phili ewajuqe khona.

IStellies seyingene kowandulela owamanqamu okwesibili amasizini elandelana kanti izokwazi ngalo iSonto ebusuku ukuthi izobhekana nobani.

Ukuqhathwa kwamaqembu kuzokwenziwa ngemuca komdlalo weMamelodi Sundowns neRichards Bay oqale ngo-6 ebusuku. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO