
UPitso nohlelo lokuheha abelungu kwiBafana
Umqeqeshi omusha we-Bafana Bafana, u-Pitso Mosimane, useveze isu lokuvuselela ibhola laseNingizimu Afrika ngokugxila ekuthuthukiseni intsha.
UMosimane ukholelwa ekutheni kumele athole ukwesekwa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
“Emdlalweni webhola asinandaba nokuthi ungowaluphi uhlanga, uvelaphi noma ngubani ubaba wakho.
“Uma nje ukwazi ukudlala ibhola, uzodlala,” kusho yena kwiCheck Point podcast ye-eNCA.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-62 ubudala akakamenyezelwa ngokusemthethweni njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana.
Ukuqokwa kwakhe nokho sekuvunyiwe yisigungu esiphezulu seSafa ngesonto eledlule.
UMosimane ufuna nokungena ezikoleni ezidume kakhulu ngebhola lombhoxo ukuze akhuthaze ibhola lezinyawo.
Uthi kumele ibhola lifunde empumelelweni yombhoxo eNingizimu Afrika.
“Uma ushayela uzungeza noma yiliphi idolobha, ezikoleni uzobona mapali ombhoxo kunewebhola lezinyawo,” kusho uMosimane.
Uphinde wakhuluma ngencwadi yakhe ethi Youth Football Coaching Manual.
Uthi uyibhale ngoba abaqeqeshi bebhola bebengenayo indlela ecacile yokufundisa nokuthuthukisa abadlali abasebancane.
U-Pitso Mosimane ukholwa nokuthi kumele kuvulwe amathuba kubadlali abamhlophe abanamakhono ukuba bangene kwi-Bafana Bafana.
“Sidinga abadlali bebhola abamhlophe kwiBafana Bafana. Siyabadinga. Kungani kungenzeki?” kubuza yena.
Uthi abaningi babo badlala ebholeni lentsha kodwa baphelela endleleni.
UMosimane uvumile ukuthi ngeke kube lula ukungenisa ibhola kwezinye zezikole ezihamba phambili.
Kodwa akazesabi izinselelo. “Uma unginika inselelo, futhi iyinselelo enhle, ngizoyamukela,” kusho yena.
Ku-Pitso Mosimane, umsebenzi wakhe awugcini ngokwakha i-Bafana Bafana enamandla, kodwa ufuna kuthuthuke nebhola ezweni jikelele.
- FUNDA NALA | EzikaMaMkhize zizizwana amandla neChiefs
Ufuna ukushintsha indlela ibhola elithuthukiswa ngayo eNingizimu Afrika, kusukela ezikoleni nasemazingeni aphansi kuze kufike eqenjini lesizwe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
