
EzikaMaMkhize zizogadulisana neChiefs bese ‘ziyohlaba’
IMbabane Highlanders AM izobhekana ne-Kaizer Chiefs emdlalweni wokulungiselela isizini entsha ngoLwesihlanu.
Lo mdlalo uzoba sekomkhulu laMakhosi eNaturena. Leli qembu laseSwatini liseNingizimu Afrika lapho lilungiselela khona isizini entsha.
Umdlalo neChiefs uzonika umqeqeshi uFloyd Mogale elinye ithuba lokuhlola kahle abadlali bakhe.
Ngemuva kwalokho, iHighlanders izobuyela Eswatini lapho kuzoba khona umcimbi omkhulu eMbabane ngoMgqibelo.
Usomabhizinisi uShauwn Mkhize uzohola lo mcimbi wokugubha umlando nobunye beqembu.
Kulindeleke ukuthi kuhlatshwe izinkomo ezimbili njengengxenye yomgubho.
Abalandeli bazophinde bethulelwe abadlali abasha, ijezi elisha nethimba labaqeqeshi.
Ekhuluma neKickOff, umphathi weqembu uRichard Makhoba ukuqinisekisile ukuthi lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo.
“Lo mgubho umayelana nomlando nobunye beqembu,” kusho uMakhoba.
“Sibheke ngabomvu ukwamukela abalandeli bethu nabaxhasi ngoMgqibelo.
“Sizokwethula nabadlali abasha nejezi lethu elisha, siphinde sethule ngokusemthethweni ithimba labaqeqeshi kubalandeli.”
- FUNDA NALA | Imenenja kaSaleng icacisa ngesimo sakhe
UMkhize usezongena kwisizini yakhe yesibili engumengameli weHighlanders, engenye yamaqembu anabalandeli abaningi eSwatini.
Uphinde waqoka uMogale njengomqeqeshi omkhulu weqembu ngaphambi kwesizini entsha.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
