
Iqiniso ngezicucu zikaNabi ‘amiselwe’ zona kwiChiefs
Kungamanga ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi akanazo akanazo izicucu zokuqeqesha ezidingekayo emiqhudelwaneni yamakilabhu yeCaf.
I-Caf idinga ukuthi umqeqeshi abe neCaf A License ukuze ahlale ebhentshini kunoma yimiphi imiqhudelwano yayo esemthethweni.
Izindaba zokuthi uNabi umisiwe, futhi ngeke ahambe neqembu leChiefs uma seliyodlala kwiCaf Confederation Cup e-Angola zivele ngoLwesithathu ntambama.
Amakhosi azovakashela iBarcuscorp yase-Angola emlenzeni wokuqala womzuliswano wokuqala kweyokuhlunga yalo mqhudelwano ngoMgqibelo.
Kuthe uma kuvela lezi zindaba, kwaqala ukusabalala amahlebezi okuthi iKaizer Chiefs imise uNasreddine Nabi ngoba akanazo iziqu ezidingekayo.
Kodwa intatheli yebhola lase-Afrika, uMicky Junior usewachithile lawo mahlebezi, waqinisekisa ukuthi uNabi unayo iCaf A License.
“Umqeqeshi waseRwanda u-Adel Amrouche usanda kungithinta eqinisekisa imininingwane eyengeziwe ngeziqu zikaNabi’,” kubhala uMicky Junior.
“Uqinisekisile ukuthi uNasreddine Nabi wayengaphansi kwakhe ngesikhathi enza izifundo zeCaf A License ekanye noLuc Eymael (weChippa United).
“U-Amrouche uphinde waveza ubufakazi lapho uNabi ethweswa iziqu futhi emnikeza yena mathupha ilayisense yakhe.”
UMicky Junior uphinde wasola ukuthi uNasreddine Nabi uhlukunyezwa ngaphakathi kwiKaizer Chiefs ngabomu ngokuthi kuvezwe imibuzo ngobuqiniso beziqu zakhe.
“Indaba ephushwayo yokuthi ‘uNabi akanayo ilayisensi ye-Caf iyadukisa futhi iyamhlambalaza,” kubhala le ntatheli.
“UNabi unelayisensi ephakeme kakhulu iFifa Pro License. Wenza le layisense yakhe kanye noLuc Eymael kwiBelgian FA.
FUNDA NALA | UCardoso uncumiswa ukubuya kukaMudau
“Nokho namuhla, iChiefs immisile futhi yangabaza ubuqiniso belayisensi yakhe yeCaf kusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi komdlalo obalulekile.”
Wengeze ngokuthi:
🔹 UNabi uqeqeshe iYanga (yaseTanzania) kowamanqamu weConfederation Cup.
🔹 Ubephethe kwi-AS FAR (yaseMorocco) idlala kwiChampions League.
🔹 Wavuselela ilayisense yakhe, wayithola futhi wayibonisa iChiefs ubufakazi balokho.
