
UCardoso ubike imbiba wabika ibunzi iDowns ibanjwa yiGallants
Usale ebakaza, ebika imbiba aphinde abike ibunzi umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 neMarumo Gallants.
ISundowns bekubhekwe ukuthi inqobe lo mdlalo obusePetrus Malimela Stadium ngoLwesithathu ebusuku, bese ibuyela esicongweni seligi yeBetway Premiership.
Futhi kuke kwabukeka izokwenza lokho ngesikhathi ishaya igoli umdlalo usanda kuqala nokube yibhola elingqofelwe enethini ngu-Iqraam Rayners.
Nokho iGallants isheshe yalinganisa, uKeanu Cupido eba neshwa lokuthi ibhola ebelikhahlelwe uNdabayithethwa Ndlondlo lizishayise kuye qede liyokhalakathela enethini.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uMiguel Cardoso uzwakale engazi ukuthi kubhimbe kuphi ngampela, nokwenze bahluleke ukunqoba.
“Sibone iSundowns ilwela umphumela umdlalo uze uyophela namuhla,” kusho uMiguel Cardoso.
“Kube nokumoshwa kwesikhathi okuningi, futhi bebengazimisele ngokuhlasela ngendlela abebedlala ngayo.
“Onompempe abazange bawubambe kahle umdlalo kodwa kulungile, iSundowns izamile ukulwa ukuze ithole umdlalo.
“Bekungewona umdlalo olula, sizamile ukushoshela phambili. Kodwa silinyazwe yiphutha esilenzile.
“Kodwa ke vele uma ungawasebenzisi amathuba akho ngale ndlela, lo mphumela onjena uzovela.”
FUNDA NALA | Iqiniso ngezicucu zikaNabi ezisuse umsindo kwiChiefs
Ngalo mphumela, iSundowns isahlezi endaweni yesibili kwilogi ngemuva kweSekhukhune United eshaye iKaizer Chiefs ngo 3-0 ngoLwesibili.
Inamaphuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo eyisithupha, kanti isalele ngemuva ngelilodwa kwiBabina Noko ezihola phambili.
