
Injabulo kuCardoso kubuya uKhuliso Mudau kwiDowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso useveze ukujabula kwakhe ngkubuya kukaKhuliso Mudau eqenjini.
UKhuliso Mudau usebhentshini njengoba iSundowns idlala neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
Bese kuphele inyanga yonke uMudau engabonakali eqenjini kwiSundowns kulandela ukuxabana nabaphathi ngenkontileka entsha.
Ngesikhathi iqembu liqala amalungiselelo esizini entsha, uKhuliso Mudau akazange azibandakanye neqembu njengoba ebedubile.
Kuvele ukuthi ufuna inkontileka entsha enemihlomulo ethuthukile kulandela ukuthi iSundowns inqabile ukumdayisa.
Uyena, uPeter Shalulile noLucas Ribeiro baduba. Nokho uShalulile uphinde wabuya futhi wakuveza ukuthi usazinikele kwiSundowns.
URibeiro yena ugcine esebenzisa inkani ukunqamula inkontileka yakhe futhi manje usesayine eqenjini elidlala esigabeni sokuqala eSpain.
UMudau yena ubuyele ejimini ngasekupheleni kwenyanga edlule ngemuva kokuncengwa ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
UBroos uveze ukuthi wakhuluma neSundowns, ecela ukuba imvumele akhulume noMudau, wabe esemtshela ukuthi noma enezinkinga kodwa akaqhubeke ajime.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo weGallants, uCardoso ukuqinisekisile ukuthi inkinga ebikhona ngoMudau seyilungisiwe.
“Njengoba bengike ngasho phambilini ukuthi sinabaphathi abanamakhono afanele ukulungisa noma yiziphi izinkinga ezikhona.
FUNDA NALA | IChiefs imise umqeqeshi uNabi
“Indaba seyilungisiwe futhi siyajabula ukuthi usebuyile ngoba kuyasiqinisela kakhulu iqembu,” kusho uCardoso.
“Nabanye abadlali abebelimele sebebuyile ngakho uma kunjalo kuba yisimo esihle esisijabulelayo nesisenza siqine kahle.”
