
U-Ouaddou uhlose ukugeza igama, aphoxe oS’dumangabanye
U-Abdeslam Ouaddou ungomunye wabantu cishe abangathandeki kunabo bonke kuleli kulezi zinsuku – ikakhulukazi kubalandeli be-Orlando Pirates.
Nokho kubalandeli bamanye amaqembu – ikakhulukazi abeKaizer Chiefs – lo mqeqeshi waseMorocco ufana nesipho sikaKhisimuzi.
Lokhu kungenxa yomphumela otholwe yiPirates emdlalweni wayo wokuqala kwiBetway Premiership ngempelasonto la ishaywe khona yiSekhukhune United ngo 1-0.
Nokho lo mqeqeshi onethambo yena akakhathazekile, futhi akasiboni isidingo sokutatazela ngemuva komdlalo owodwa okungahambanga kahle kuwo.
Ekhuluma nabezinda, lo mqeqeshi uthe yize kusenomsebenzi okumele bawenze, kodwa usabethemba abadlali bakhe ukuthi bazoyenza lento ayifunayo.
“Lokhu kuhlulwa akusho ukuthi sengizolahla ithemba ngabafana bami. Sineqemu elinabadlali abasezingeni elihle, futhi lokho ngizohlale ngikusho.
“Kodwa ngicabanga ukuthi usemningi umsebenzi okumele wenziwe,” kusho u-Ouaddou osevele ubhekwe ngabomvu.
“Sinesikwati esibanzi, futhi abadlali abaningi basebasha eqenjini. Ngiyakholelwa kulaba badlali.
“Sinabadlali abayikhwalithi, futhi ngikholwe uma ngisho, kusesekuseni kakhulu. Izinto zizojika maduze, sizobuya ngamandla.”
U-Ouaddou uzosheshe alithole ithuba lokugeza igama njengoba iPirates ivakashele iMarumo Gallants eBloemfontein ngoLwesibili.
Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eDr Petrus Molemela Stadium kusukela ngo-7.30 ebusuku.
IGallants nokho izobe ihambela phezulu njengoba yona ivule ngegiya eliphezulu emidlalweni yeligi ishaya iRichards Bay ngo 2-1 ekuhambeni.
“Yebo, ngiwubonile umphumela wabo, futhi ngiyababongela,” kusho u-Ouaddou ngesikhathi ebuzwa ngeGallants.
“Kodwa okubalulekile kimi neqembu lami wukuthi siye kwiGallants sifike sithole umphumela omuhle.
“Uma uhluliwe emdlalweni wokuqala usekhaya, udinga ukusheshe ujike izinto uqoqe amaphuzu aphelele ukuze ungasali emjahweni wesicoco.”
IPirates yilona qembu elibhekwe kakhulu ukuthi lingaqeda ukuzenzela kweMamelodi Sundowns kwiligi yakuleli osekwenzeke amasizini ayisishiyagalombili kulandelana.
FUNDA NALA | UseseNaturena ngokugcwele uVelebayi
Ukusayina kwayo kule sizini kukhombise ukuzimisela kwayo ukukwenza lokho, kodwa umphumela wokuqala ulahlise ithemba kwabanye babalandeli bayo.
Phela idlale seyivele yazi ukuthi iSundowns ilahle amaphuzu amathathu ngesikhathi ibambana neChippa United emdlalweni wokuqala.
Ulibophele kanje iqembu lakhe kulo mdlalo okuele awunqobe ukubuyisa ukuzethemba kubalandeli nakubadlali.
- Abaqalayo (4-3-3): Chaine – Mashiloane, Hotto, Seema, Mbokazi – Maswanganyi, Mariko, Nduli – Moremi, Appolis, Radiopane
- Ebhentshini: Buthelezi, Dansin Mofokeng, Sebelebele, Kwayiba, Xoki, Mbule, Makgopa, Ndaba
IGallants, ephekwa umqeqeshi oneminyaka engu-28 ubudala, u-Alexandre Lafitte, yona ibophele kanje:
- Abaqalayo (4-4-2): Arubi – Ncube, Mabotja, Chabatsane, Sikhosana – Mabuza, Msendami, Mphambaniso, Nhlapo – Sithole, Khumalo
- Ebhentshini: Mlambo, James, Mbhele, Mhlongo, Khumalo, Motloung, Sithole, Clifford, Mathiane
