EzintshaKaizer Chiefs

UBen Youssef uncoma ukuqina kwabadllai beKaizer Chiefs 

Umqeqeshi uKhalil Ben Youssef, usencome ukuqina kwabadlali beKaizer Chiefs ngemuva kokuthola iwini yesithathu kulandelana kwiBetway Premiership.

Amakhosi abuye kade eselandela ngemuva ehlula i-Orbit College ngo 3-1 wamagoli oWandile Duba, Mduduzi Shabalala noSiphesihle Ndlovu.

UMbulelo Wagaba ubebeke i-Orbit College phambili ngasekuqaleni komdlalo, elidla kamnandi ngesithende.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uBen Youssef uvumile ukuthi umdlalo bewungelula ngendllea umuntu ozobona umphumela angacabanga ngayo.

“Besivele silindele umdlalo onzima. Siqale kabi kakhulu ngesiwombe sokuqala sadedela negoli kuqala,” kusho lo mqeqeshi.

Nokho uBen Youssef uzishaya isifuba ngendlela abadlali beKaizer Chiefs abajike ngayo izinto umdlalo ususinda. 

“Ngijabule kakhulu ngesiwombe sesibili ngoba isiwombe sokuqala besingesihle. Ngiyaziqhenya ngabadlali.

“Kuwumqondo omuhle ukuthi kuthi noma sesilandela ngemuva ngo 1-0 sikwazi ukubuya bese sinqoba ngo 3-1. Sakhe amathuba amaningi ngesiwombe sesibili.”

Lo mphumela ukhuphulelele iChiefs endaweni yesithathu kwilogi, okukhulise amathuba ayo okuqeda ezindaweni zokubuyela emiqhudelwaneni yeCAF.

UBen Youssef nokho uyagcizelela ukuthi ukugxila kwabo akushintshile njengoba belwela ukuqeda phezulu ngangokunokwenzeka.

“Kusukela ekuqaleni kwesizini, sithe sizobhekana nomdlalo ngamunye futhi siwuthathe njengowamanqamu,” kwengeza lo mqeqeshi.

“Asifuni ukufaka ingcindezi kubadlali. Yingakho sizobhekana nomdlalo ngamunye.”

Umdlalo olandelayo weChiefs ngowasekhaya ohlelelwe ukuba seFNB Stadium lapho izobhekana khona neTS Galaxy ngeSonto.