
Okwenza uBaloyi angabaze uGiven Msimango kwiKaizer Chiefs
Owayengumqeqeshi wonozinti kwiKaizer Chiefs, uBrian Baloyi usezwakalise ukukhathazeka ngomdlali wasemuva uGiven Msimango.
Ngokusho kwale ngwazi eyayiteketiswa ngelikaSpiderman ngezikhathi zayo, uMsimango unamaphutha amabi.
Uveze nokungabaza ukuthi kungabe lesi sitobha sisezingeni elikufanele yini ukuba kuMakhosi.
UGiven Msimango uqale umdlalo wakhe wokuqala kulo nyaka ngesikhathi iKaizer Chief ishaya i-Orbit College ngoMsombuluko.
Ubesenesikhathi eside engekho ngenxa yokulimala. Ubuyiselwe eqenjini njengoba iChiefs ibishoda emuva.
Abadlali basemuva abajwayelekile uZitha Kwinika no-Inacio Miguel bebengatholakali. UKwinika ulimele, kanti uMiguel ubmisiwe.
Ekhuluma kwiSoccerbeat Podcast, uBaloyi ugqamise ukuthi uMsimango angaliqhatha nenduku kanjani iqembu uma libhekene namaqembu ayingozi phambili kune-Orbit College.
“Okungikhathazayo ngoMsimang wukuthi uthanda ukwenza amaphasi angemahle uma enziwa umdlali wasemuva.
“Futhi ugcina elahla amabhola amaningi,” kusho uBaloyi. “Wenza lokhu ngisho ngasekupheleni komdlalo.
“Wenza amaphutha amabi. Akayena futhi umdlali okwazi ukumaka uma ebhekene nendoda ngqo. Lokho kushiya imibuzo eminingi ngokufaneleka kwakhe.
“Uma ubheka isikhathi asesihlale kwiChiefs, ingabe ungumdlali wasemuva ofanelekile?
“Ingabe uzokwazi ukungena eqenjini – uma ubheka uMcCarthy osemncane uza kanjani nabanye abadlali basemuva abanga nabo le ndawo.”
Njengoba uMiguel ekhona emdlalweni olandelayo, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi abaqeqeshi beKaizer Chiefs bazoqhubeka yini noGiven Msimango.
