
UMngqithi uhlonza owePirates afisa bakhe bakopele kuye
UManqoba Mngqithi usehlonze umdlali we-Orlando Pirates amncoma ngokuzikhandla – futhi afisa abadlali bakhe babonele kuye.
Lo mqeqeshi onamava ubalule ukuzinikela kukaDeon Hotto ngokuba nomthelela omuhle kwindlela iPirates edlala ngayo.
Uthe njalo uma ekhuluma nabadlali bakhe ebagqugquzela, wenza isibonelo ngalo mdlali odabuka eNamibia.
Ukusho lokhu ekhuluma ngemuva kokuthi iGolden Arrows yakhe iphendulwe izimpumpu yiPirates iyishaya ngo 5-0 emdlalweni weligi ngoLwesibili.
UManqoba Mngqithi uveze ukuthi kubaluleke kanjani ukusebenza ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi – wathi ufisa abadlali bakhe bafane noHotto.
“Ngihlale ngenza isibonelo ngoHotto uma ngikhuluma nabadlali bami,” kusho uMngqithi.
“Ngicabanga ukuthi ungumdlali webhola omuhle, kodwa amandla akhe amakhulu ukuzinikela kwakhe— ngendlela asebenza futhi agijima ngayo.”
UMngqithi ugcizelele ukuthi uHotto oneminyaka engu-35 ubudala, ikakhulukazi kule minyaka akuyo, kumele akhuthaze abadlali abancane abasafuna ukuvelela ebholeni.
“Uma ubheka iminyaka yakhe uyiqhathanise nokuqina adlala ngakho, kufanele kube yisibonelo kubadlali abancane abasafuna ukuphumelela ebholeni.”
Lo mqeqeshi oke wacija iMamelodi Sundowns uphinde waveza isiko elikhulayo eqenjini lePirates — elakhelwe phezu kokusebenza ngokuzikhandla.
“Kuyabonakala kulo lonke iqembu — bayagijima abadlali. Abukho ubuvila. Lokho yinto abadlali bami abangafunda lukhulu kuyo,” kuqhuba yena.
UManqoba Mngqithi ube esekhipha inselelo engagwegwesi eyibhekise eqenjini lakhe.
“Uma iqembu elikhulu njengePirates lisagijima kanje, futhi singakwazi ukumelana nakho, kusho ukuthi thina asinaso isifiso sokuvelela.”
UMngqithi ukubeke kwacaca ukuthi nakuba amaphutha engenzeka, kodwa akumele kungafakwa amandla.
“Abadlali bami akumele neze bahlulwe yinoma yiliphi iqembu ngokuzimisela,” kuchaza yena.
“Esikuthathayo kulo mdlalo yizinga lokuzikhandla — indlela uHotto adlala ngayo, kuningi esingakufunda kuye.”
Lona ngumlayezo oqinile — okubeka kucace ukuthi ukuzimisela, ukuzikhandla nokuzinikela kubaluleke kunakho konke okunye ukuphumelela ebholeni.
