EzintshaKaizer Chiefs

Ufuna ‘inselelo entsha’ owaseTanzania ozingelwa yiChiefs

UClement Mzize, ongumshini wamagoli oneminyaka engu-21 ubudala njengamanje unenkontileka neYoung Africans SC.

Kodwa useveze ukuthi usekulungele ukushiya eTanzania, ake ayozihlola kwelinye izwe neqembu.

Ukusho lokhu ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokusiza iqembu lakhe linqoba ngo 2-0 kwidabhi lishaya iSimba SC.

Lo mphumela usize iYanga yaphinde yadla isicoco sePremier League yaseTanzania.

UMzize ube nesizini emangalisayo la eshaye khona amagoli angu-14, wakhela ozakwabo amahlanu — futhi manje sekubhekwe ukuthi uyaphi.

Ekhuluma nphephandaba laseTzanzian, i-The Guardian, uMzize akazange elokhu engundaza, kodwa wakubeka kwacaca akufisayo manje.

“Ngibe nesizini enhle kakhulu –ngiwine iligi futhi ngashaya kwidabhi. Kuwumuzwa omkhulu lowo,” kusho yena.

Ube esededela ibhomu: “Kuyiqiniso ukuthi kunezicelo ezikhona ngami. Yebo, nami ngiyafuna ukuhlola amathuba amasha akhona okukhulisa umsebenzi wami.”

Yize engawashongo amagama amakilabhu amfnayo, uMzize umataniswa neKaizer Chiefs, eyakha kabusha ngaphansi kukaNasreddine Nabi.

Nokho kuphinde kwabikwa ukuthi kunentshisekelo kuye evela kompetha beCaf Champions League njengamanje iPyramids FC.

Lo mgadli nokho ukhombise ukukhula, wenqaba ukusho amaqembu amfunayo wathi kuzolandelwa inqubo efanele. 

“Ngisenenkontileka neYanga. Abaphathi bami yibo bazophatha yonke into, futhi sizobona ukuthi kwenzekani ngokulandelayo,” kwengeza yena.

Ijubane likaMzize, iso lokubona ipali la lingakhona, nokuzethemba emidlalweni emikhulu kumenza abe ngumdlali ongaba wusizo kunoma yiliphi iqembu azophelela kulo.

Ukuthi ngabe uzoba yintandokazi elandelayo yabalandeli beKaizer Chiefs noma cha, kuzocaca ngokhamba kwesikhathi. 

Kodwa okuphawulekayo wukuthi nomaphi lapho ezoya khona, umnyakazo olandelayo kaMzize unganyakazisa ibhola lase-Afrika.