
IBloem Celtic ibuye mawala – isinezigaba ezintathu
Igama elidumile elithi Bloemfontein Celtic libuyile kwiBetway Premiership – futhi ngathi liza nezigemegeme eziningi!
Ngokokubika kweMarawa Scorpions usomabhizinisi osemncane waseFree State usethenge isitifiketi seSuperSport United.
Kuvela ukuthi ukhokhe u-R50 million ukuthola lesi sitifiketi kanti uzoyithuthela eBloemfontein le kilabhu la izothatha khona igama elisha ibizwe ngeCeltic United.
Yebo, iCeltic isibuyile esigabeni esiphezulu – kodwa hhayi ngale ndlela abalandeli abebeyilindele noma mhlawumbe abebeyifisa.
Inkinga wukuthi lo somabhizinisi othenge iSuperSport akanayo imvume yokusebenzisa igama eliphelele beBloemfontein Celtic.
Leli gama leBloemfontein Celtic ngelika-Eddie Modise, olithenge kuMax Tshabalala ekuqaleni kwalo nyaka.
UTshabalala usanda kuveza uhlela ukuvuselela le kilabhu yodumo — kodwa elakhe iqembu lizoqala kwiMotsepe Foundation Championship, hhayi kwiPremiership.
Wathi ufuna lizinyukele lona lize lifike ezigabeni eziphezulu ngendlela efanele ngoba naye usafuna ukufunda kahle ngokuphathwa kwebhola.
Kodwa manje, sekunamaqembu amathathu alwela ukuthwandwa abalandeli beCeltic abaziwa ngeSiwelele.
- Kukhona iMarumo Gallants ezibiza ngeSiwelele saMarumo. Le kilabhu ithuthele eBloemfontein ngesizini edlule.
- Manje nakhu sekuvumbuka iCeltic United – iqembu elisha lePremiership elakhiwe ngemuva kokuthenga isitifiketi seSuperSport.
- Kusekhona neBloemfontein Celtic kaModise – yona esazomemezela ngokusemthethweni ukuthi izodlala kusiphi isigaba.
Lona kuzoba wumdonsiswano ozothatha amehlo wokuwina izinhliziyo zabalandeli bebhola baseFree State abaziwa ngothando lwabo olukhulu.
IGallants beyingelinye lamaqembu aba nezihlwele ezihloniphekile emidlalweni yayo, abalandeli begqoke imibala yeCeltic.
Manje njengoba izobangisana ngabo namanye amaqembu amabili kuzothatha amehlo ukuthi abaningi bawela ngakuphi.
