
UMphela ubona uRanga Chivaviro ezovutha bhe kule sizini
- Alfred NGUBANE
UKatlego “Killer” Mphela, oyinkakha yeKaizer Chiefs, ubona kuyikhathi umgadli waleli qemu, uRanga Chivaviro ezovelela kule sizini.
Ekhuluma neLisenethini, uMphela uthe unethemba lokuthi uChivaviro uzowashaya ephindelela amagoli kule sizini.
“Lokho ngikusho ngoba usethole umqeqeshi (uNasraddine Nabi) okholelwayo kuye,” kusho uMphela.
“Mina ngathola uPitso Mosimane, wakholelwa kimi, ngaqala lapho ukuzithemba nokuqhulula amagoli.”
Uthe yize kwakubonakala futhi naye ezazi ukuthi ungumgadli okahle, kodwa ukuzethemba okwafakw auMosimane kuye kwaba wukhiye obalulekile.
“Ngaqala ukusebenza noPitso Mosimane kwiSupeSports United, ngashaya amagoli angu-10 ngesizini eyodwa.
“Ngabuya ngadlala kwiMamelodi Sundowns ngaphansi kwabaqeqeshi abanjengoHristo Stoichkov, u-Antonio Lopez Habas, u-Ian Gorowa, noJohan Neeskens, ngahluleka ukushaya amagoli.
“Kwathi uma iBafana Bafana ilanda uPitso Mosimane ngo-2008, ngabizwa kwiBafana, ngaqala ngashaya amagoli.
“Ngadlala eqenjiini elalidlala kwiFifa Confederation Cup, ngashaya amagoli amabili sibhekene neSpain uma ngikhumbula kahle.”
UMphela waphinde wahlangana noMosimane kwiSundowns ngemuva kweNdebe yoMhlaba, waphenduka umgadli ovelele kwiPSL ngokushaya amagoli angu-18 ngesizini eyodwa.
