EzintshaOrlando Pirates

URele Mofokeng uphawula ngendawo avelela kakhulu kuyo

Isihlabani se-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng usekubeke kwacaca: kuNombolo 10 yilapho ekhipha khona ubhozo.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala usefomini evusa amadlingozi, futhi ushaye amagoli amabili ngesikhathi iPirates ibhubhisa iGolden Arrows.

AmaBhakabhaka avuke indlobane ebhaxabula Abafana Bes’thende ngo 5-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Ukwenza kahle kukaRele Mofokeng kumenze waphinda wadla omunye umklomelo weMan of the Match. 

Wenyuse isibalo sakhe samagoli aba mahlanu emidlalweni emibili kanti manje aseyisikhombisa ewonke kwiligi, futhi ube wakhe amahlanu emidlalweni engu-19.

Yize edlala kahle kakhulu nasophondweni, lo mfana uthi ukudlala maphakathi kufanela kangcono isitayela sakhe.

“Ngicabanga ukuthi ngesitayela esisidlala lapha kwiPirates, indawo engifanele kahle uNombolo 10.

“Angiyena umuntu othanda ukugijima kakhulu. Ngitahnda ukudlala ezikhaleni ezincane.

“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi uNombolo 10 yiwona olungile kimi,” kusho yena ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo obuse-Orlando Amstel Arena.

Ukuphawula kwakhe kuza njengoba kuqhubeka inkulumo-mpikiswano ngendawo okufanele adlale kuyo, ikakhulukazi ezingeni leqembu lesizwe iBafana Bafana.

Okwamanje, uRele Mofokeng usefomini futhi uzikhulumela ngezinyawo zakhe ngokuthi kumele adlale kuphi nendawo.