EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso ucacisa ngoSaleng ‘osedelela’ kwiDowns

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, useveze okokuqala ukuthi kungani u-Monnapule Saleng engasaqeqeshi neqembu lokuqala.

Udalule ukuthi lo mdlali onekhono elimangalisayo wephule imithetho eminingi yokuziphatha eqenjini.

Ikusasa likaSaleng kwiSundowns selisengcupheni enkulu njengoba lo mqeqeshi wasePortugal eqinisekise ukuthi lo mdlali ususiwe eqenjini lokuqala.

Ukuveze lokhu ekhuluma ngemuva kokunqoba kweSundowns ngo 3-2 ibhekene nePolokwane City kwiMTN8 ngoMgqibelo.

U-Miguel Cardoso uthe u-Monnapule Saleng akasaziqeqeshi neqembu ngenxa yezinqumo azithathile ezingahambisani nendlela efanele umdlali okhokhelwayo.

“Isimo sikaSaleng sihlukile. Uye wephula imithetho nezimiso zeqembu izikhathi eziningi. 

“Sekunesikhathi engasaziqeqeshi neqembu elikhulu,” kusho uCardoso.

Lo mqeqeshi ube esedalula ukuthi uSaleng wayefakwe ohlwini lwabadlali bomdlalo womlenze wesibili wamanqamu kwiCaf Champions League kodwa wavele wanyamalala. 

Uphinde wafakwa ohlwini lwabadlali ababezoya ekhempini e-Austria, kodwa wenqaba ukuhamba.

“Besimnike uthando namathuba amaningi yize ebehlala enza amaphutha. 

“Kodwa akazimisele ukulandela indlela okufanele ilandelwe ngumdlali osezingeni leSundowns. 

“Yingakho ikilabhu yanquma ukumhlukanisa neqembu, futhi okwamanje akasebenzi nathi,” kuphetha uCardoso.

FUNDA NALA | UDa Cruz uxolele uPetersen ngephutha

Njengoba kucaca ukuthi ngeke adlale eqenjini lika-Miguel Cardoso kule sizini, sekubhekwe ngabomvu ukuthi u-Monnapule Saleng uzophelelaphi.