EzintshaOrlando Pirates

IPirates neCT City embangweni wesihlabani se-Azam 

Lo mdlali okuthiwa unekhono elihle, uGibril Sillah, uzoshiya le kilabhu yaseTanzania uma kuphela le nyanga.  

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala waseGambia unqabile ukwelula inkontileka ngeminyaka emibili kwi-Azam FC.

Lokhu kusho ukuthi uzokhululeka uma kuphela inkontileka yakhe uma kusongwa uJuni.

USillah ubengomunye wabadlali abenze kahle ngesizini 2024/25, la eshaye khona amagoli ayisishiyagalolunye kwiligi emidlalweni engu-20.  

Ngokwemibiko, i-Orlando Pirates izimisele ngokuthola uSillah njengoba ilindele ukuthi ingase ishiywe uRelebohile Mofokeng okubhekwe aye e-Europe. 

Khonamanjalo, iCape Town City nayo inentshisekelo kulo mdlali, yize njengamanje isesempini yokuvika izembe.

Leli qembu lidlala kweyokuhlunga namaqembu amabili asuka kwiMotsepe Foundation Championship kumanje kulandela ukuqeda endaweni ka-15 kwilogi.  

Ngale kwamaqembu aseNingizimu Afrika, kuthiwa kukhona awase-Algeria, e-Egypt, eMorocco, nakhona neTanzania asiqaphe ngelokhozi isimo sikaSillah. 

ISimba SC, eqeqeshwa nguFadlu Davids wakuleli, kubikwa ukuthi nayo inentshisekelo ngemuva kokuphuthelwa yilo mdlali ngo-2023.  

Imibiko yakamuva iphakamisa ukuthi i-ES Setif okwamanje isike yazama ukuheha uSillah, kodwa wayichitha ngoba esalindele okungcono. 

Njengoba amakilabhu amaningi ezibhekile kule, umbango wokusayina uSillah usalokhu uvulekile.