
Akubanga mnandi kuNeo Maema kusala ozakwabo
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uNeo Maema, useveze ubuhlungu abuzwayo ngokuthi kunabanye ozakwabo abasalile njengoba iqembu liya kwiFifa Club World Cup.
Uthi yize ekujabulele ukuthi yena ungenile eqenjini lokugcina labadlali abangu-23 abahambile, uyazwelana nalabo abasalile.
Kulo mqhudelwano, oqala ngoJuni 14 kuya kuJulayi 15, iSundowns iqhathwe kuGroup F neFluminense, i-Ulsan, neBorussia Dortmund.
AmaBrazilians asuke kuleli alibangisa e-United States ngeSonto, kanti kumanje alungiselela umdlalo wawo wokuqala ne-Ulsan e-Inter & Co Stadium ngoJuni 18.
Kunabadlali abambalwa okumangazile ukusala kwabo okubalwa kubo uKobamelo Kodisang, uLucas Suarez noThapelo Maseko.
UNeo Maema uvumile ukuthi umbango wezindawo mkhulu eqenjini yingakho bebengeke bahambe bonke.
“Ngiyajabula ukungena esikwatini. Kodwa ngokusobala, ngiphoxekile ngalabo abangakwazanga ukungena eqenjini.
“Kodwa bekuwumbango wezindawo. Yikilabhu enkulu lena,” kusho uMaema owayengumdlali weBloemfontein Celtic.
Yize yena ebelizwa ngendaba ijezi maphakathi nesizini, lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ukwazile ukungena – uthi akumthusanga lokhu.
Ugcizelele ukuthi ukungena kulo mqhudelwano kwakhelwe phezu komsebenzi owenziwe abadlali abebekuleli qembu eminyakeni emibili edlule.
“Mina bengivele ngazi ukuthi ngizongena eqenjini. Akukhona ukuthi ngiyazikhukhumeza ngalokho.
“Kodwa ngizwa sengathi lona wumsebenzi wabadlali abebelapha eminyakeni emibili edlule,” kuchaza uNeo Maema.
Kuzoba kungokwesibili iSundowns idlala kwiClub World Cup, kulandela umkhankaso wayo ka-2016.
Ngaleso sikhathi yayingene ngokuthi yayikade inqobe iCaf Champions League, imele i-Afrika.
Indawo yabo emqhudelwaneni osunamaqembu engeziwe kulo nyaka ivele ngenxa yohlelo yokukleliswa kwamakilabhu lweCaf.
Njengoba iSundowns iyodlala ezingeni lomhlaba, uNeo Maema uzimisele ngokufunda futhi asize iqembu liphumelele.
