
Okushiwo uDa Cruz ngoPetersen ‘odlisele’ iChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, usephawule ngonozinti uBrandon Petersen okhalise abalandeli abaningi ngeSonto ntambama.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iGolden Arrows ikhiphe iChiefs kwiMTN8 ngokuyishaya ngo 1-0 eFNB Stadium.
Abalandeli beChiefs basale bedumele ngesikhathi uKhulekani Shezi eshaya igoli lokunqoba.
UPetersen usolwa ngokwenz aiphutha elibi njengoba eshiye ulayini wakhe, waphambana nebhola ebeligotshwa uShezi.
Ube esezama ukulivimba leli bhola, kodwa lashayisa kuye qede lanamathela enethini.
Nokho, uFernando Da Cruz wenqabile ukusola u-Brandon Petersen, wathi ukunqoba nokuhlulwa kuwumsebenzi weqembu lonke.
Lo mqeqeshi uvumile ukuthi iChiefs idlale kahle yakha amathuba, kodwa yehluleka ukuwasebenzisa, okuyinto ebalimaze kakhulu.
“Sakhe amathuba amaningi kodwa asibanga bukhali phambi kwamapali,” kusho uDa Cruz.
“Kuzomele ngiphinde ngibuke umdlalo ngoba kubonakale sengathi uBrandon akalibalanga kahle ibhola.
“Kodwa angifuni ukusola umdlali oyedwa. Uma sinqoba, sinqoba njengeqembu. Uma sihlulwa, sihlulwa njengeqembu.”
- FUNDA NALA | Seziqhathiwe kwiMTN8
Ngemuva kwalokhu kukhishwa okubuhlungu, iChiefs manje sekumele ibeke lo mphumela emuva bese igxila emidlalweni yeBetway Premiership.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
