
Limi kanjani ikusasa likaNabi, uJessica Motaung uyacacisa
Umqondisi wezokumaketha kwiKaizer Chiefs, u-Jessica Motaung, usephendule ngokukhathazeka okukhulayo ngomqeqeshi oyinhloko uNasreddine Nabi.
Lo somaqhinga waseTunisia uthathe izintambo ekuqaleni kwale sizini, kodwa ukungahambi kahle kweqembu sekumfakele ingcindezi.
Ingcindezi ikhule kakhulu ngemuva kokuhlulwa kwakamuva ngo 2-0 yiRichards Bay FC, obekungokwesishiyagalolunye kule sizini.
Abanye babalandeli beChiefs sebeqalile ukuhohoza ngalo mqeqeshi, bethi abawuboni umehluko afike nawo yize ethengelwe abadlali abahle.
Njengamanje iChiefs ihlezi endaweni yesishiyagalombili kwilog ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-22, hhayi ushintsho olukhulu kumasizini ambalwa edlule.
Naphezu kwalokhu kudonsa kanzima, uNabi usenethemba. Ugcizelele ukuthi ikilabhu isendleleni efanele.
Uthi uzosebenzisa ikhefu lamazwe ngamazwe leFifa ukulungisa kahle iqembu lakhe ngaphambi komdlalo wabo olandelayo neGolden Arrows ngoMashi 30.
U-Jessica Motaung, nokho, ukugcizelele ukuthi iChiefs igxile ekwakheni iqembu eliqinile lesikhathi esizayo hhayi impumelelo esheshayo.
“Sineqembu labaqeqeshi nomqeqeshi abasebenza ngokuzikhandla. Banokusekelwa kwethu okugcwele,” usho kanje kwiFARPost.
Uzivumile izinselelo kodwa wathi basalithemba icebo abanalo ngendlela iqembu elikuyo.
“Besazi ukuthi lokhu kuzoba inqubo yesikhathi eside. Sesifundile kobekumele sifunde kukho, futhi abaphathi bebhola bayasebenzisana nethimba labaqeqeshi ukubhekana nezinkinga ezivelayo.”
UJessica Motaung uphinde wathumela umyalezo kubalandeli beKaizerChiefs, ebanxusa ukuthi baqhubeke babekezele.
“Umlayezo wami kubalandeli wukuthi abaqhubeke nokweseka iqembu njengoba sesibheke entanjeni nje.
“Ukuvumelana kubalulekile, futhi umsebenzi omningi uyenzeka ngale esithe. Izinto zizolunga kungekudala.”
IChiefs, engakaze inqobe isicoco cishe eminyakeni eyishumi edlule manje, isibheke ukuqeda le ndlala ngeNedbank Cup.
Ilinde ozonqoba phakathi kweMamelodi Sundowns neSekhukhune United kowandulela owamanqamu.
