Bafana BafanaEzintsha

UBroos ‘usamincile’ ngoModiba – uveza isifiso ngalo mdlali

Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos useveze ithemba analo ngo-Aubrey Modiba.

Uthi uthemba ukuthi uzobe esekulungele ukudlala ngaphambi komdlalo wokuvula iNdebe yoMhlaba.

UModiba ubengadlali selokhu alimala emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weCaf Champions League weMamelodi Sundowns. 

Ukulimala kuphoqe ukuthi uModiba ukuthi aphuthelwe wumdlalo womlenze wesibili la iSundowns yadla khona isicoco.

Uphinde akngadlala iBafana ibambana neNicaragua emdlalweni wokungani ngoLwesihlanu olwedlule.

Ekhuluma ngaphambi kokuthi iqembu liye eNdebeni yoMhlaba eMexico ngoMsombuluko, u-Hugo Broos udalule ukuthi u-Aubrey Modiba uyelulama.

“Ngicabanga ukuthi u-Aubrey usesondele kakhulu ekuziqeqesheni neqembu uma konke kuhamba kahle kuye,” kusho uBroos.

UBroos ulindele ukuthi uModiba abe khona emdlalweni wokuvula lo mqhudelwano ngoJuni 11.

Kodwa uyagcizelela ukuthi ngeke akujahe ukumbuyisela ekudlaleni wokuzilungiselela neJamaica.

“Ngakho-ke uzolunga, kodwa mhlawumbe hhayi ukudlala koweJamaica,” kwengeza uBroos.

“Ngeke simbeke engcupheni, kodwa nginesiqiniseko sokuthi uzobe ekhona emdlalweni wokuvula.

IBafana izobhekana neJamaica ngoLwesihlanu, ezinsukwini ezimbalwa nje ifikile esizindezi sayo ePachuca, eMexico.

Lona kuzobe kungumdlalo wayo wokugcina wokuzilungiselela ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba.