
Sekukhale izembe komunye umqeqeshi welePSL
ISekhukhune United isixoshe umqeqeshi wayo uLehlohonolo Seema yize iqembu lihlezi ngokukhululeka endaweni yesine kwilogi.
Leli qembu laseLimpopo kubikwa ukuthi licele uLehlohonolo Seema ukuthi apakishe amasakana akhe abone afiika ngayo.
Lokhu kubikwa ukuthi kwenzeke ngoLwesine ntambama, kwaba yisiphetho sokuqagela ngokuthi uzohlala isikhathi esingakanani umqeqeshi kuleli qembu.Â
Ikusasa likaSeema bekulokhu kuqagelwa ngalo futhi kuyindaba esegudwini emasontweni ambalwa edlule.
Kwabikwa emasontweni amabili edlule ukuthi unikezwe umnqamulajuqu wokuthi anqobe uma esebhekene neMamelodi Sundowns noma abone afika ngayo.
Leli qembu lalwa kanzima libhekene naMasandawana kodwa lahlulwa ngo 4-2, nokho uSeema akazange axoshwe ngaleso sikhathi.
- ZITHOLE ZISHISA |Â Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
ULehlohonolo Seema ube esehola iqembu lanqoba ngo 2-1 kunnzima libhekene neMilford FC emdlalweni weNedbank Cup ngempelasonto.
Ukunqoba kwalo kusho ukuthi seliphinde lazibeka ethubeni lokubhekana neSundowns emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano.
Nokho kubukeka sengathi ukuhlulwa ngo 2-1 yiRichards Bay FC esendaweni ephansi kwilogi yeBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku kube yisiphetho sakhe.
Ikilabhu isazokwenza isimemezelo esisemthethweni ngokuxoshwa kukaSeema, kodwa lezi zindaba ziqinisekiswe yintatheli yezemidlalo ethembekile uRobert Marawa kwi-X.
Manje abaphathi beSekhukhune kulindeleke ukuthi bamemezele ukuthi ngubani ozophatha iqembu uma selihlangana neSundowns ngoMgqibelo ebusuku.
Amahlebezi aveze ukuthi leli qembu selihlanganise u-Eric Tinkler ukuthi athathe izintambo ngemuva kukaSeema.
UTinkler akanalo iqembu selokhu ahlukana neCape Town City lapho ebengumqeqeshi khona iminyaka emithathu edlule.
Nokho akybonakali engaphoswa emlilweni ngokuthi anikwe lo msebenzi kusele usuku ngaphambi komdlalo onzima neSundowns.
- *Sicela ulandele ikhasi lethu kuFacebook, cofa lana Lisenethini.co.za
