EzintshaOrlando Pirates

Usizwe ‘yiqhawe lakhe’ uMbokazi evelela edlala okokuqala

Lo mdlali wasemuva ozalwa eHluhluwe ubedlala umdlalo wakhe wokuqala eqenjini elikhulu lePirates futhi edlala neqhawe lakhe, uNkosinathi Sibisi. 

Emdlalweni wakhe wokuqala, uMbekezeli Mbokazi wenze umsebenzi oncomekayo nakuba kube nezikhathi ezimbalwa zokuthuthumela ikakhulukazi ngasekuqaleni. 

Kodwa ngokuqhubeka komdlalo, lo mdlali ongukaputeni weqembu lePirates leDStv Diski Challenge uye ngokukhula, wajwayela futhi wadlala kahle. 

Wakhe ubudlelwano obuqinile noSibisi, eshiya abalandeli benethemba elikhulu lokuthi bazovala kangcono emuva ngenxa yokukhombisa ukuzwana. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMbekezeli Mbokazi ukuvumile ukuthuka ekuqaleni, wabonga uSibisi ngokumcebisa. 

“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba okuningi bengibuye ngikukhohlwe angikhumbuze njengomuntu engikholelwa kuyena. 

“Naye uyakholelwa kimi ukuthi kukhona into engingayenza. Ngijabulile ukuthi emdlalweni wami wokuqala ngidlale naye.

“Lokhu kusho ukuthi uma sesiqhubekela phambili kuningi esingakwenza,” kuchaza uMbokazi. 

Ekhuluma ngaphambilini, uMbokazi wakuveza ukuthi umuntu abukela kakhulu kuye nguye uBhodlela. 

Ngakho ukudlala naye kube wukufezeka kwephupho kulo mfanyana oseneminyaka engu-19 okhombise ikhono elihle. 

Wathi yena akafuni ukuhlulwa omunye umfana, ngisho ngabe mdala futhi unamava kunaye, uyodlula kuye ezwile. 

Ukukhombisile ke futhi lokhu emdlalweni wakhe wokuqala. Manje sekubhekwe ngabombu ukuthi uJose Riveiro uzophinde amthembe yini emdlalweni olandelayo.

Njengoba uThabiso Sesane no-Olisa Ndah besalimele, uTapelo Xoki ehlelwe yifomu, iPirates iyashoda kakhulu emuva. 

IPirates izobhekana neSuperSport United eLucas Moripe Stadium emdlalweni womkhumulajezi weNedbank Cup ngoMgqibelo.