
UDa Cruz wethemba uVilakazi eqala inkathi yeChiefs
Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uFernando da Cruz, ukhomba ukumethemba umdlali osemncane u-Mfundo Vilakazi njengoba eqala inkathi entsha kuMakhosi.
UDa Cruz uzoqala umsebenzi wakhe ngokusemthethweni njengoba iChiefs ibhekene neqembu elisanda kunyukela kwiBetway Premiership, iKruger United.
Lo mdlalo useMbombela Stadium eNelspruit kanti uzoqala ngo-8 ebusuku ngoMgqibelo.
Lo mqeqeshi waseFrance ubonakala ezimisele ngokunikeza uVilakazi indima enkulu kule sizini.
Uqale ngaye, kanti omunye umdlali othole ithuba lokuqala ngu-Ethan Chislett.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weKruger United, u-Abram Mongoya, uthe ukube ubezikhethela iqembu azoqala ngalo, ubezofuna yona iChiefs.
“Yebo impela, ngoba kuningi okuhle okuza nalokho,” kusho lo mqeqeshi.
“Kungumdlalo ozothokozisa abalandeli njengoba sebenesikhathi bewulindile.
“Sekuyisikhathi eside abantu bakulesi sifundazwe begcina ukubona ibhola elisezingeni eliphezulu.
“Manje abadlali bethu sebethola ithuba lokuziveza esigabeni esiphezulu.”
UMongoya uthe ukubhekana neChiefs ekuqaleni kwesizini kungaba yinto enhle eqenjini lakhe.
“Ukuthola iChiefs ngesikhathi abaqeqeshi bayo besazama ukuzinza kuyithuba elihle kithina.
“Sithemba ukuthi izinto zizohamba ngendlela yethu,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eLesotho.
- FUNDA NALA | UDansin uveza okumenza avelele kwiBucs
Uphinde waveza ukuthi ithimba lakhe labaqeqeshi licubungule indlela iChiefs edlale ngayo ohambweni lwayo lwamalungiselelo eSpain.
UFernando Da Cruz ukhombisa ukubatheba abadlali abasebancane njengoba ngaphezu kuka-Mfundo Vilakazi uphinde waqalisa noLuke Baartman.
Ibophele kanje iChiefs (4-4-2): Petersen – Monyane, Kwinika, Miguel, Frosler – Maboe, Ndlovu, Chislett, Mfundo Vilakazi – Da Silva – Baartman.
Ebhentshini: Leaner, Solomons, Nkgwesa, Moloisane, Mthethwa, Ngcobo, Mmodi, Ighodaro, Duba.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
