EzintshaOrlando Pirates

UBaartman uveza umthelela kaKaizer Motaung Jr

Umdlali weKaizer Chiefs, u-Luke Baartman, useveze umthelela kaKaizer Motaung Jr ekutheni aqhubeke nokuzikhandla eqenjini.

Uthi nguyena owamnika ithemba ngesikhathi engasalitholi ithuba lokudlala ngesizini edlule.

UBaartman ukhulume lokhu ngemuva kokuqokwa njengoMdlali oVelele ngesikhathi iChiefs ishaya iKruger United ngo 3-1 emdlalweni wokuvula isizini.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala unikezwe ithuba lokuqala ngumqeqeshi omusha uFernando da Cruz.

Lokhu bekungemuva kokudlala imidlalo embalwa kuphela ngesizini edlule.

U-Luke Baartman uthe uMotaung Jr wayehlala emthumelela imiyalezo yokumkhuthaza noma nini lapho engafakwa eqenjini.

“Ngesizini edlule bengingalitholi ithuba lokudlala,” kusho uBaartman ngemuva komdlalo. 

“UKaizer Motaung Jr ubehelzi engithumelela imiyalezo engikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokusebenza kanzima futhi ngingalahli ithemba.” 

Lo mdlali uvumile ukuthi isizini edlule ibinzima kuye njengoba edlale imidlalo embalwa kuphela ngemuva kokujoyina iChiefs esuka kwiCape Town Spurs.

Uphinde wabonga uDa Cruz ngokumethemba nokumnika ithuba lokuziveza.

“Ngibonga uNkulunkulu ngale ndondo. Ngibonga ngawo ugogo wami nasemphakathini wangakithi. 

“Ngiphinde ngibonge umqeqeshi ngokungithemba ngokunjalo nabadlali engisebenza nabo.” 

Ukugqama kuka-Luke Baartman kungase kumenze abe ngomunye wabadlali abazohlala bethola amathuba ngaphansi kukaDa Cruz kule sizini.