EzintshaNedbank Cup

UNasreddine Nabi uchaza ‘eyokuvikela’ uBruce Bvuma 

Kudonse amehlo ukusala ngaphandle kukaBruce Bvuma ongekho ngisho ebhentshini kulo mdlalo.

UPetersen selokhu agcina ukudlala ngoDisemba 8 nyakenye. Kodwa ubuyele epalini kulo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium. 

Echaza lokhu, uNasreddine Nabi uthe baqoke ukunika omunye unozinti ithuba naye azibonakalise.

“Besilokhu sibashintshashintsha onozinti bethu,” kusho lo mqeqeshi ngaphambi komdlalo. 

“Saqala ngoFiacre Ntwari, kwase kuba uBruce Bvuma, futhi manje sekunguPetersen.”

Lo mqeqeshi ukuncomile ukuzibophezela nokusebenza kukaPetersen ejimini, wathi bekumfanele ukuqokwa kulo mdlalo. 

“Uziqeqeshe kahle kakhulu. Indlela anethambo ngayo namakhono akhe kube kuhle kakhulu,” kuqhuba uNabi.

Lesi sinqumo sibamangazile abaningi ikakhulukazi njengoba uBruce Bvuma eqale yonke imidlalo yeChiefs kusukela ngoDisemba nyakenye. 

Kodwa lo mqeqeshi uchaze ukuthi uBvuma ubenengcindezi enkulu emasontweni edlule futhi udinga ukuvikelwa.

“Siqaphelile ukuthi uBruce ube nengcindezi enkulu kuye. Amasonto adlule abengamlungele. 

“Sifuna ukumvikela njengamanje,” kusho lo mqeqeshi odabuka eTunisia.

Umdlalo uqale ngesivinini esiphezulu, kanti kuyiwe ekhefini zibambene. UGaston Sirino ubeke iChiefs phambili ngephenathi.

Kodwa u-Evidence Makgopa ubuyisele i-Orlando Pirates emdlalweni ngegoli alishaye ngekhanda kade kuyibhola elibekwe phansi.