EzintshaOrlando Pirates

Ufunwa elaseGermany uWitbooi obekhonjwa kwiPirates

Usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, useveze ukuthi sekuneqembu laseGermany, eselimeme u-Emile Witbooi ukuthi azohlolwa.

Lo mdlali oneminyaka engu-17 ubudala ubegqame ngesizini edlule, wagcina eqokwe waba yiPlayers’ Player of the Season kwiMotsepe Foundation Championship.

UWitbooi ubemataniswa kakhulu ne-Orlando Pirates, kodwa kubikwa ukuthi izimfuno zeCape Town City zingaphezulu kwalokho ezimisele ukukukhokha ngaye.

Nokho, uComitis uthi imali akuyona inkinga.

“Angicabangi ukuthi sizobhajwa lapho nePirates noma iMamelodi Sundowns. 

“Mina ngihlale ngithola indlela yokwenza isivumelwano siphumelele,” kusho uComitis.

Uthe okubaluleke kakhulu wukuthi noma yiliphi iqembu elisayina u-Emile Witbooi kumele limnike isikhathi sokudlala.

“Uma ejoyina iqembu lasePSL angadlali, uzohlehlela emuva. Kumele aye lapho ezodlala khona njalo.”

UComitis uphinde waqinisekisa ukuthi okwamanje asikho isicelo esisemthethweni esesifikile kuye.

“Okwamanje akukho esingakhuluma ngakho ngoba akukho sicelo esikhona,” kuqhuba uComitis.

Nokho, uthe amaqembu eMajor League Soccer (MLS) asebuzile ngalo mdlali, kanti iBayern Munich isithumele isimemo sokuthi izomhlola.

U-Emile Witbooi useke wayozama kwiChelsea, waphinde wavakashela iSporting Lisbon.

Lokhu kusho ukuthi amakilabhu amakhulu ase-Europe ayaqhubeka nokulandela omunye wabadlali abasebancane abanekhono elikhulu eNingizimu Afrika.