EzintshaOrlando Pirates

IPirates icacisa eka-R120m ‘ezowuthola’ ngoMofokeng 

NgoLwesibili kuvele umbiko othi leli qembu leDutch Eersdivisie selifake isicelo sokudayiselwa lo mdlali semali enkulu. 

Kodwa lezi ziqhwaga zaseSoweto sezikhiphe isitatimende sichitha lo mbiko, futhi zikhala ngokuthi ukhombisa ubudedengu obukhulu.

NgoLwesibili, iSoccer Laduma ishicilele umbiko ophakamisa ukuthi lezi zikhondlakhondla zaseSoweto zizothola imali elinganiselwa ku-R120 million evela kwiPSV.

Lo mbiko uthe leli qembu lizimisele kakhulu ngokudayiselwa lo mdlalo oneminyaka engu-20 ubudala. 

Lolu daba lususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bephikisana ngokuthi iPirates kufanele yini yenze imali ngalo mdlali noma imgcine ilinde abanye.

Nokho i-Orlando Pirates isiphumele obala yakuchitha lokhu, yathi akukho qembu eselike lavela lifuna ukudayiselwa uRele Mofokeng.

“Sifisa ukucacisa ukuthi akukho sicelo esinjalo esitholwe yiqembu,” sifundeka kanje isitatimende seBucs. 

“Ihaba elenziwe esihlokweni asigcini nje ngokuba ngamanga kodwa futhi futhi zinomthelela omubi.”

Ikilabhu ikugxekile ukushicilelwa ngokukhetha “ihaba kunokuthola iqiniso lodaba kuqala”.

Iveze ukuthi lo mbiko uphazamise umdlali neqembu ngesikhathi sesigaba esibalulekile samalungiselelo alo esizini entsha.

UMofokeng, obenesizini enhle ka-2024/25, useke wamataniswa namakilabhu amaningana ase-Europe, okuhlanganisa iFC Barcelona neqembu laseScotland iRangers. 

Yize leyo mibiko ivuse ithemba kubalandeli ngokufudukela phesheya kwezilwandle kwalo mdlali, iPirates igcizelela ukuthi akukho okubambekayo okwamanje.

Iqembu liphinde laqinisekisa ukuzibophezela kwalo kwihlalakahle yabadlali balo.

Libe selicela abezindaba ukuthi bagweme ukushicilela amahlebezi okudayiselana ngabadlali angaqinisekisiwe.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO