
OwePirates nezintsha ngoPedersen obhekwe ngabomvu
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usephawule ngesimo somgadli omusha waseNorway, uSebastian Pedersen.
IPirates yamangaza abaningi ngesikhathi imemezela ukusayiniswa kukaPedersen ngempelasonto edlule, yasusa injabulo enkulu kubalandeli.
Amavidiyo akhe namarekhodi okushaya amagoli enze abaningi bakholwa ukuthi nguyena umgadli iPirates ebimfuna.
Abanye baze babamqhathanisa nesihlabani seManchester City, u-Erling Haaland.
Nokho, uPedersen akazange abe yingxenye yeqembu elinqobe iMilford FC ngo 2-0 emdlalweni wokuvula isizini yeBetway Premiership.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou uqinisekise ukuthi lo mgadli uzofika maduze.
“USebastian nakanjani uzoba nathi. Ungumdlali ongakwazi ukwengeza izinga kubagadli esesinabo,” kusho u-Ouaddou.
Lo mqeqeshi uthe u-Sebastian Pedersen uzongenela ukuncintisana noBoitumelo Radiopane, uYanela Mbuthuma, u-Evidence Makgopa noSifiso Luthuli kwi-Orlando Pirates.
“USebastian ubheke ngabomvu ukuza eNingizimu Afrika azojoyina ikilabhu enkulu efana nePirates.
“Simlindele futhi nginethemba lokuthi maduze uzobe esesebenza neqembu,” kuqhuba u-Ouaddou.
Lo mqeqeshi uvumile ukuthi uyayiqonda injabulo yabalandeli ngokusayinwa kwalo mdlali.
“Abalandeli bamlindele ngabomvu futhi sengiyazi ukuthi sebephelelwa isineke.
“Ngethemba ukuthi uzobe esenathi maduze,” kusho u-Ouaddou.
- FUNDA NALA | UBaartman ubonge uKaizer Motaung Jr
Uma esefikile kwi-Orlando Pirates, u-Sebastian Pedersen uzozithola enengcindezi yokwenza kahle njengoba abalandeli sebeqalile ukuchoma ngaye.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
