
U-Appollis uveza umthelela kaMbule ekujoyineni kwakhe iPirates
Isihlabani seBafana Bafana, u-Oswin Appollis usedalule ukuthi uSipho Mbule ube nomthelela kanjani ekutheni ajoyine i-Orlando Pirates.
Laba badlali ababili babendawonye enkulisa yeSuperSport United kanti bajoyine i-Orlando Pirates kanyekanye ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Bafike beyingxenye yabadlali abangu-11 iPirates ebiqinisa ngabo iqembu layo njengoba beyizimisele ukucoboshisa izicoco.
Futhi ngemuva kwemidlalo engaphansi kuka -20 kuyo yonke imiqhudelwano, laba ababili sebengamalungu abalulekile eqembu lomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.
Sebevele basize i-Orlando Pirates yanqoba iMTN8, yagxumela esicongweni seBetway Premiership yafinyelela kowamanqamu weCarling Knockout.
Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo wamanqamu ongoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium bebhekene noMarumo Gallants, u-Appollis uchaze ubudlelwano bakhe noMbule.
“Kwenzeka ukuthi atshele usihlalo (u-Irvin Khoza) ngami,” kusho u-Appollis onamahloni ngoLwesibili.
“Besikade sikwiSuperSport sonke kudala lapho sakha khona ubudlelwano obuhle.
“Ngisho nangesikhathi sengiye kwiPolokwane City wayehlale engithinta engibheka ukuthi kusahamba kahle yini.”
Ngemuva komdlalo wamanqamu wangoMgqibelo, bobabili u-Appollis noMbule bazobe sebebhekisa amabombo ekhempini yeBafana Bafana.
Bazobe behambisana nozakwabo be-Orlando Pirates abayisikhombisa abaqokwe nabo kuleli qembu lesizwe.
FUNDA NALA | UHlungwani uchitha isikhalo seZamalek
Bangenile esikwatini sokugcina sikaHugo Broos seCaf Africa Cup of Nations ezoqala ngoDisemba 21 eMorocco.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
