AmaZuluEzintsha

Kuvela okwaqhatha uBrooks noSuthu – useyozama phesheya

Kuvela ukuthi lo mdlali usendleleni ebheke kwelikaDonald Trump la eyoxoxisana khona neqembu elidlala kwi-USL Championship.

Ukuvela kwegama lika-Ethan Brooks kulawo abadlali abadedelwe AmaZulu ekupheleni kwesizini edlule kumangazile. 

Uhambe kanye nabanye abadlali abaningi abakhululwe yileli qembu njengoba belizihlela kabusha, lakha kabusha isikwati salo. 

Ubedlale imidlalo engu-25 kuyo yonke imiqhudelwano, kanti lokhu bekuyinkomba ecacile yokuthi useyingxenye yezinhlelo zomqeqeshi u-Arthur Zwane. 

Kodwa sekuvele ukuthi u-Ethan Brooks naMaZulu banqume ukuhlukana ngemuva kokungavumelani ngemibandela yenkontileka entsha. 

Khonamanjalo, iSABC Sport ibika ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala umenywe ukuyoxoxisana neLexington SC edlala esigabeni sesibili sebhila lase-United States, i-USL. 

Kuvela ukuthi lo mdlali owazakhela igama kwi-TS Galaxy ufulathele elakuleli ngoLwesine ebusuku njengoba ebheke ukuvula isahluko esisha emsebenzini wakhe webhola. 

U-Ethan Brooks ubeyingxenye yeqembu laMaZulu elilwele ngempumelelo ukuthola indawo kwayisishiyagalombili aphezulu kwiBetway Premiership ngesizini edlule.

Akukacaci ke noma akhona yini amanye amaqembu akuleli ake akhombisa isifiso sokusayina lo mdlali ngaphabi kokunquma ukuyozama phesheya kwezilwandle. 

Kodwa-ke kukholakala ukuthi bekuvele kuyiphupho likaBrooks ukuyodlala phesheya. 

Uma konke kuhamba kahle uBrooks kufanele asayine inkontileka kuleli qembu le-USL Championship maduze.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO