
IBabina Noko ayinqabile nofunwa iChiefs, kodwa…
ISekhukhune United ngeke imvimbele umdlali uma sekufike iqembu elimfunayo futhi libeka into ecacile etafuleni.
Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi waleli qembu u-Eric Tinkler ngesikhathi ebuzwa ngomdlali wakhe okuthiwa ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs.
Uthi ikilabhu ikulungele ukudedela umdlali wasophikweni uKeletso Makgalwa ahambe – kodwa kuphela uma iqembu elimfunayo lifika nemali ebhekile.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ube nesizini enhle ka-2024/25 kwiSekhukhune.
Uqokwe emikomelweni emibii ezindondweni zePSL njengoba engene koweFootballer of the Season, nowePlayers’ Player of the Season.
Lo mdlali okhuliswe yiMamelodi Sundowns ushaye amagoli ayisithupha futhi wakhela ozakwabo angu-11 emidlalweni engu-32 kwiBabina Noko ngesizini edlule.
IKaizer Chiefs kuthiwa inentshisekelo enkulu yokusayina uMakgalwa njengoba ibona ukuthi angase angakuqinisa ukuhlasela kwayo.
Kodwa ngokusho kukaTinkler, iSekhukhune ayikasitholi isiceli eyiyenelisayo esivela kunoma yiliphi iqembu ngalo mdlali.
“UKeletso unomsebenzi okufanele awenze kwiSekhukhune,” kusho uTinkler ngoLwesibili ngesikhathi kwethulwa isizini entsha yeBetway Premiership.
“Noma ngabe bekukhona isicelo noma besingekho… asizange sihlangabezane nalokho okufunwa yikilabhu.”
Uthe uMakgalwa usesezingeni la ekuqonda khona okufanele akwenze ngakho akaboni kuzomphazamisa ukuzwa amahlebezi okuthi kukhona iqembu elikhulu elimfunayo.
“Ngimchazelile uKeletso – ube ngumdlali owakhe amagoli amaningi kiwligi ngesizini edlule.
“Manje uma efuna abantu bazimisele ngaye, kumele aphinde akwenze lokho futhi.
“Uma kukhona ikilabhu efuna uKeletso futhi ifika nesicelo esicacile, ngeke simvimbele.
“Kodwa uma isicelo singayizuzisi ikilabhu, kungani ikilabhu kufanele idedele umdlali? Lokho akunamqondo.”
UMakgalwa usevele useqalile ikwakhela ozakwabo amagoli kwiSekhukhune emkhankasweni omusha.
Nguye ogobe ikhona engqofelwe enethini ngumgadli omusha uBradley Grobler ngesikhathi beshaya iTS Galaxy ngo-3-2 emdlalweni weMTN8 ngempelasonto edlule.
ISekhukhune izodlala neStellenbosch emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiMTN8.
Kodwa umdlalo wayo olandelayo ngowokuqala kwiBetway Premiership abazobhekana kuwo ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
