AmaZuluEzintshaKaizer Chiefs

Lihlehlisiwe elabeSpurs abafunwa yiChiefs noSuthu 

Lolu daba luhlehliselwe uMsombuluko, ka-Agasti 4. Lusuka ngeCape Town Spurs enqabile ukudedela laba badlali abathathu mahhala. 

Lokhu ikwenze yize idliwe yizembe, yehla isuka kwiMotsepe Foundation Championship yaya kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule. 

Ngokwemithetho ye-PSL, izinkontileka zithathwa njengeziyize uma iqembu likhishwa ezigabeni zePS, liya kwezeSafa. 

Nokho iSpurs yona igcizelela ukuthi laba badlali basenezinkontileka nayo yize yehliselwe kwi-ABC Motsepe League. 

Ithi amaqembu abafunayo kumele babathenge kuyo kanti kuvela ukuthi ifuna imali enkulu ngabo.

Nokho abadlali bona ohlangothini lwabo bamile kwelokuthi manje sebengabadlali abatholakala mahhala.

Futhi sebengajoyina noma iyiphi ikilabhu abazikhethele yona ngaphandle kokuphazanyiswa yiSpurs.

Kukholakala ukuthi uVelebayi noBaartman bakhethe ukujoyina iziqhwaga zaseSoweto, iKaizer Chiefs, kanti uBern yena usayine kuMaZulu FC eThekwini. 

Njengoba kusabhekwe umphumela weDRC ngalolu daba, kungenzeka isinqumo ngalo siphume sekuvele kuyibhedele iChiefs.

Phela sekuvele ukuthi sekukhona elinye iqembu eliyibangisayo kuVelebayi noBaartman futhi elizimisele ukukhokhela iSpurs lesi sinxephezelo esifnayo ngabo. 

Uma iSpurs naleli qembu elingadadulwanga bevumelana, iChiefs izosala incela izithupha. 

Umbiko weSoccer Laduma uveza ukuthi leli qembu lisiqaphe ngeso lokhozi isimo futhi lingase libantshontshe laba badlali uma isimo silivumela. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO