
OweSekhukhune uchaza okwenze amkhiphe uRenaldo Leaner
Umqeqeshi wesikhashana weSekhukhune United, uPaulos Masehe usicacisile ngesinqumo sakhe sokukhipha unozinti uRenaldo Leaner.
Lo nozinti osanda kudlala kwiBafana Bafana wenze amaphutha amabili adliselayo ngesikhathi behlulwa yiStellenbosch FC ngempelasonto edlule.
UMasehe, othathe umsebenzi kulandela ukuxoshwa kuka-Eric Tinkler, ube nesiqalo esinzima ngesikhathi iSekhukhune ishaywa ngo 3-1.
Lo mqeqeshi uvumile ukuthi iqembu lakhe belingenza kangcono, ikakhulukazi ngemuva kwamagoli amabili adalwe amaphutha kaRenaldo Leaner.
Lo nozinti weBafana Bafana ukhishwe ngesiwombe sesibili indawo yakhe yathathwa uToaster Nsabata waseZambia.
Naphezu kobunzima baso, uMasehe ugcizelele ukuthi isinqumo senziwe ukuvikela lo nozinti kunokumjezisa ngamaphutha akhe.
“Uma ngikhuluma iqiniso, inhloso bekuwukumvikela,” kusho uMasehe ngemuva komdlalo.
“Mhlawumbe ubezogcina ededele amanye amagoli amaningi obekungaba kubi kakhulu.
“Kwesinye isikhathi kufanele uthathe izinqumo ezinjalo ukuze uvikele abadlali.”
UMasehe uphinde waphawula ukuthi ukuzethemba kukaRenaldo Leaner kubonakale kwehlile ngemuva kwegoli lesithathu.
Lokhu kwenze ithimba labaqeqeshi lithathe isinyathelo ngokushesha ukuze ligweme omunye umonakalo.
Lamaphutha awenzile lonozinti kungnzeka aphazamise amathuba akhe okungena esikwatini seBafana Bafana esiya kwiNdebe yoMhlaba.
