
UNasreddine Nabi usanethemba lokufaka iKaizer Chiefs kwiTop 8
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usethembise ukudlala kangcono emdlalweni wabo wokugcina weBetway Premiership ngempelasonto ezayo.
Lokhu ukusho ngemuva kokuthi iChiefs ingakwazanga ukuthola amaphuzu aphelele ngesikhathi ibamba iSekhukhune United ngo 1-1 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama.
UNgoanamello Rammala ubeke uSekhukhune phambili kusenemizuzu emine umdlalo uqalile.
Kodwa Amakhosi alwile kwathi uGlody Lilepo waphinde waqhamuka nomnyakazo omuhle ukuze ashaye elokulinganisa ngaphambi nje kwekhefu.
Isiwombe sesibili besingesihle, lingekho iqembu elikwazile ukulawula noma ukudlala kangcono kunelinye.
UNasreddine Nabi weKaizer Chiefs uphakamise ukuthi iqembu lakhe lishode ngabadlali abafana no-Inacio Miguel, uGiven Msimango noBradley Cross kulo mdlalo.
“Kuyiphuzu elihle nelisifanele, kodwa sinomuzwa wokuthi amaphuzu amathathu abengahamba nanoma yiliphi iqembu namuhla,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Womabili amaqembu enze konke abengakwenza futhi abe namathuba okushaya amagoli kodwa ngenxa yabadlali ebesingenabo, sibona kuyiphuzu elisifanele.”
IKaizer Chiefs manje inomdlalo wokugcina wokulwela amaphuzu amathathu, kanti uNasreddine Nabi uthi bazokwenza konke okusemandleni.
“Emdlalweni wokugcina sidinga ukulwela amaphuzu amathathu,” kwengeza lo mqeqeshi waseTunisia oneminyaka engu-59 ubudala.
“Ngeke kube lula kodwa sithemba ukuthi abanye abadlali bazobe sebebuyile ekumisweni nasekulimaleni.
“Namuhla besingenaye umdlali wasemuva ebhentshini. Kodwa siyabahalalisela abadlali ngoba benze konke okusemandleni ukuthola amaphuzu amathathu.
“Kwale khona ukwenza. Sisenalo ithuba futhi sizokwenza konke emdlalweni wokugcina ukuze siqede kwiTop 8.”
Amakhosi azohlangana nePolokwane City emdlalweni wawo wokugcina, engadingi lutho ngaphandle kokuwina ukuze athole ithuba lokuqeda kwiTop 8.
Noma enganqoba kulo mdlalo, asazodinga imiphumela yamanye amaqembu angaphezu kwawo avune wona.
Okuzokwenza lo mdlalo udonse amehlo ukuthi iPolokwane City nayo isadinga okungenani iphuzu emdlalweni wayo wokugcina ukuqinisekisa ukuthi iqeda kwiTop 8.
