Ezintsha

ElaseTanzania lisha amashushu ngoRulani Mokwena

URulani Mokwena uzoshiya iWydad ngemuva kwesizini eyodwa abaphathi abakhulu beqembu bengazange bahlabeke umxhwele ngenqubekela phambili ngaphansi kwakhe.

Lokhu kwenzeka yize iqembu lithuthuke lisuka endaweni yesikhombisa ngesizini edlule, laya endaweni yesithathu kwiligi kule sizini.

Nokho iWydad idlale imidlalo emithathu yokugcina kule sizini ngaphandle kukaMokwena obemisiwe ngemuva kokuphikwa yimiphumela.

Leli qembu belidlale imidlalo eyisikhombisa lingawini – lidlala ngokulingana kuyo yonke – ngesikhathi uMokwena enikezwa ikhefu eliyisipesheli.

U-Amin Benhachem uqokwe okwesikhashana ukuthi ahole iqembu futhi wakwazi ukunqoba imidlalo emithathu yokugcina yesizini.

Lokhu kuqinisekise ukuthi leli qembu libuyela ebholeni lezwekazi ngesizini ezayo njengoba lizodlala kwiCaf Confederation Cup.

Manje imibiko evela eTanzania iveza ukuthi iYoung Africans SC isiveze intshisekelo enkulu yokuthi uRulani Mokwena ahole iqembu layo ngesizini ezayo. 

Kubikwa ukuthi sebeziqalile izingxoxo naye. Uma evuma, bazomvumela ukuthi afike nethimba lakhe eliphelele labaqeqeshi.

Nokho kuphinde kwabikwa ukuthi uMokwena angase abambezele ukuphendula kwiYanga ukuze abone ukuthi i-Orlando Pirates izimisele yini ukumbuyisa. 

Uthathwa njengomunye wababhekwe ukuvala isikhala sikaJose Riveiro kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Kodwa uma egcina ejoyine iYanga, uzoba ngumqeqeshi wesibili waseNingizimu Afrika eTanzania ngemuva kukaFadlu Davids owenza izimanga neSimba SC. 

URulani Mokwena ungomunye wabaqeqeshi abasebancane abeza kahle nasebezakhele igama ebholeni lase-Afrika. 

Noma yiliphi iqembu azogcina ephelele kulo lizobe lithole umqeqeshi onolwazi oluhle namava amakhulu.