EzintshaOrlando Pirates

U-Appollis ubonge umzamo weqembu ephinda evelela

Umdlali we-Orlando Pirates u-Oswin Appollis uncome ozakwabo kulandela ukunqoba kwabo okubenze babuyele esicongweni seBetway Premiership.

IBucs ibe nomdlalo omuhle kakhulu ihlula AmaZulu FC ngo 3-0 e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo ntambama.

Kube wumphumela omkhulu ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 neRichards Bay emdlalweni wayo odlule.

IPirates isheshe yazibeka endaweni enhle, ivula ngegoli ngomzuzu ka-14 ngesikhathi uTshepang Moremi egobela uYanela Mbuthuma ibhola abe eselingqofela enethini.

U-Appollis ube esebhala elakhe igama kwabashaya amagoli ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.

Uqhamuke ngakwesokunxele qede wajika wangena ngaphakathi, wabe esededela ishodi ibhola layogaxela enethini. 

URelebohile Mofokeng ube eseshayela isipiliki sokugcina ngegoli elihle naye alishaye ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.

U-Appollis, ohambe nomklomelo wakhe wesine kule sizini woMdlali oVelele emdlalweni, futhi washaya igoli lakhe lesishiyagalombili kwiligi, uncome ukusebenzisana.

“Sekukonke, iqembu lillwile namuhla. Sijabule kakhulu ngamaphuzu amathathu namagoli amathathu,” kusho yena.

“Besifuna ukuthola amagoli amaningi kodwa ke akwenzekanga. Kodwa sijabule ngokusebenza kweqembu nomphumela.”

Lokhu kunqoba kubuyisele umfutho kwiPirates ngaphambi kwedabhi yseSoweto ebhekwe ngabomvu la izobhekana khona neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngeSonto.

Okunye ukunqoba okukhulu kuzoyigcina iqinile emjahweni wesicoco sayo sokuqala seligi eminyakeni engaphezu kweyishumi.