
Kuyabhimba kwababolekiswe yiChiefs emaqenjini ehlukene
Ikusasa labadlali ababolekiswe yiKaizer Chiefs kwamanye amaqembu ngenhloso yokuyolanda ifomu libukeka limfiliba.
Iningi labadlali ababolekiswe yileli qembu laseNaturena leqiwa yijezi emaqenjini abakuwo.
Omunye wabo nguSabelo Radebe owayebonakala enekusasa eliqhakazile ngenxa yekhono ayelikhombisa esenkulisa yeKaizer Chiefs.
URadebe wayethembisa kodwa manje ikusasa lakhe lilengela eweni, futhi angase angafinyeleli ezingeni obekulindeleke ukuba afinyelele kulo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iRichards Bay FC ikhethe ukunqamula ubudlelwano bayo naye singakafiki isikhathi obekubolekwene sona.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala ufike kwiNatal Rich Boyz ngoSepthemba kulindeleke ukuthi athole ithuba lokudlala njalo futhi ahlale isizini yonke ka-2024/25.
Nokho ukweqiwa yijezi sekuphoqe ukuthi uRadebe, odlale imidlalo emithathu kuphela, akhululwe ukuze abuyele ekhaya kusakhanya.
Ngokubika kweFARPost, uRadebe ushiye iRichards Bay kuleli sonto, kusasele izinyanga ezimbili kuphele isikhathi obekuvunyelwene ukuthi uzosihlala kuyo.
URadebe ubeyingxenye yabadlali abakhushulelwa eqenjini elikhulu leKaizer Chiefs ngo-2021, futhi kwakubhekwe lukhulu kubo.
Omunye umdlali obolekiswe yiChiefs kwiRichards Bay, uMduduzi Mdantsane naye udonsa kanzima njengoba ijezi liphenduke abakhwekazi nje.
Yena ujoyine leli qembu laseKZN ngoJanuwari nonyaka ngethemba lokuthi uzothola isikimu kulo.
Kodwa kuze kube manje akukamlungeli futhi njengoba selidumela emasumpeni nje, mancane amathuba akhe.
Omunye umdlali obolekiswe yiKaizer Chiefs uDonay Jansen okwiSuperSport kanti naye kuyambhimbela futhi uzobuyela kuyo ngoJuni.
Bonke laba badlali akubonakali bezolithola ijezi eqenjini likaNasreddine Nabi uma sebebuyele eNaturena ngesizini ezayo.
