
Owe-Arrows uyalila ngokushiywa uKomphela bengazelele
– Alfred Ngubane
Basale beqanganisa, bebamba beyeka kwiGolden Arrows kulandela ukugilwa uSteve Komphela oqoke ukubuyela kwiMamelodi Sundowns.
USteve Komphela ubeseziqalile izinhlelo zokulungiselela isizini entsha neGolden Arrows futhi ubenemidlalo yokuhlola iqembu ngoLwesihlanu.
Kodwa ngoMgqibelo i-Arrows ivuke ngezindaba zokuthi uSteve Komphela usepakishe izikhwama zakhe wabuyela kwiSundowns.
Yize kubuhlungu okubehlele, imenenja yaBafana Bes’thende, uNonceba Madlala uthi ngeke kubasize ukukhalela amanzi asechithekile.
Uvumile ukuthi bazizwa bedayisekile ngokulandwa ngale ndlela kukaKomphela bengazelele.
Uthe bazothungatha umqeqeshi omusha ozoba yinhloko alekelelwe ngamaphini akhe amabili oMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu.
“Okwamanje yibona (oKhenyeza noBilankulu) abazoqhubeka nomsebenzi wokulungiselela isizini sizafuna umqeqeshi,” usho kanje.
“Sizofuna umqeqeshi omusha ngoba nakhu izinhlelo zethu sezimoshakalile ngokuhamba kukaKomphela.”
UKomphela ubevele esenenkontileka neSundowns kanti ubebolekisiwe kwi-Arrows afike kuyo maphakathi nesizini edlule.
Wayecelwe ukuba azotakula umkhumbi owawubonakala uzika njengoba uKhenyeza wayephelelwa amaqhinga.
Yize yagcina ingangenanga emaqenjini ayisishiyagalombili aqede phezuku kwilogi yeDStv Premiership, kodwa wakwazi ukuyisusa engozini yezembe.
Ekuqaleni kwesizini edlule, uKomphela ubebolekiswe kwiMoroka Swallows esuka kwiSundowns la isimo besingasesihle phakathi kwakhe nobengumqeqeshi uRulani Mokwena.
Nokho nakwiSwallows izinto zibuye zambhimbela ngesikhathi iqembu lishodelwa yimali kwaze kwaphoqa ukuthi limkhulule ngoba enganelisekile ngendlela okwenziwa ngayo izinto.
Ubuyele kwiSundowns kulandela ukuthi kuxoshwe uMokwena ngasekuqaleni kwaleli sonto.
Kuthiwa uzosebenzisana noManqoba Mngqithi kodwa akucaci okwamanje ukuthi ngubani okunguyena ozoba ngumqeqeshi phakathi kwabo.
OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs iyefana neqembu lesizwe – Malesela
ISundowns – ebimataniswa nabaqeqeshi abehlukene – ikumemezele ngoMgqibelo kuthi isimbuyisile uKomphela.
