Bafana BafanaEzintsha

Izindondo zeCaf: Kuqokwe uMbokazi, uBroos dololo!

Ukukhula kukaMbekezeli Mbekezeli Mbokazi kube yinto emangalisayo. Kusaphele izinyanga eziyisikhombisa eqale ukudlala eqenjini elikhulu.

Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala useyiphini likakaputeni kwiPirates, isethenjwa kwiiBafana, futhi ongomunye wezihlabani ezithandwa kakhulu ezweni.

Uthulise abagadli baseNigeria abazinze e-Europe — o-Ademola Lookman, Cyriel Dessers, Moses Simon, noTolu Arokodare — emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba muva nje. 

Abalandeli sebevele babona uMbekezeli Mbokazi engukaputeni olandelayo weBafana. 

Uqokwe kwiCaf Young Player of the Year nomdlali weQueens Park Rangers uTylon Smith. 

USmith uphinde wahlaba umxhwele eNdebeni yoMhlaba yeFifa ka-Under 20 muva nje. 

Abaningi bakholwa ukuthi uMbokazi noSmith bazokwakha ukhonkolo odongeni lwasemuva lweBafana eminyakeni ezayo.

Yize ukuqokwa kwabo kujabulisile, kube wukugajwa kukaHugo Broos okuphakamise amashiya kwabaningi. 

Yize ehole iBafana Bafana wayibuyisela eNdebeni yoMhlaba okokuqala kusukela ngo-2010 futhi engahluliwe ngo-2025, lo mqeqeshi odabuka eBelgium akazange aqokwe kwiCoach of the Year.

Okuxakayo ukuthi iqembu lakhe leBafana, liqokiwe kwiNational Team of the Year. 

Khonamanjalo, azikho izihlabani zePirates noma zeSundowns ezibonakala emjahweni we-Inter-Club Player of the Year — yize lamaqembu enze kahle kwiChampions League ngesizini edlule.

Onozinti uRonwen Williams noStanley Nwabali baphephezelisa ifulegi laseNingizimu Afrika esigabeni seGoalkeeper of the Year.

Uhlwini lwePlayer of the Year kugcwele izihlabani zaseNyakatho neNtshonalanga Afrika, kanti umgadli wePyramids uFiston Mayele nguyena kuphela ozinze e-Afrika kwabaqokiwe.