IKaizer Chiefs iyefana neqembu lesizwe – Malesela
– Alfred Ngubane
UDan Malesela ukholwa ukuthi usikompilo lweKaizer Chiefs lubukhuni futhi umqeqeshi omush kuzomele azibambe ziqine
Empeleni nje, uDan Malesela uthi uma esefikile kwiKaizer Chiefs kuzomele akhohlwe nayisonto uma ngabe ungumuntu okholwayo nahamba isonto njalo.
Ngokusho kukaDan Malesela, iKaizer Chiefs iyinkolo ngokwayo ngakho uNasreddine Nabi kuzomele akhonze kuyo.
UNabi kulindeleke ahlangane nabadlali nezikhulu zeChiefs njengoba leli qembi liseTurkey la liyokhempela khona ukulungiselela isizini entsha.
“Abalandeli kuzomele babekezele ngoba ngiyathemba ukuthi umsebenzi wakhe uyawazi,” kusho uMalesela kwi-Arena Sports Show.
“Kuzohlezi kuba nzima ukuqala lowa msebenzi. Phela manje awufikeli kwiChiefs uzoqhubeza umsebenzi, uzowuqala phansi.
“Uma ufika kwiChiefs kufanele ukwazi ukuhlanganisa abadlali asebenamava eqenjini, ubaxube nabasha nabasebancane.
“Uma usebenza kwiChiefs awukwazi ukuphumula, awukwazi nokuya eSontweni ngoba iChiefs iyinkolo ngokwayo.”
Uthe uNabi kuzomele azi ukuthi amehlo abalandeli azohlezi ekuye ngoba kuyafana nokuthi uzoqeqesha iqembu lesizwe.
“IChiefs yiqembu elikhulu kuleli njengoba inabalandeli abaningi kakhulu…
“Uma uqeqesha iChiefs kufana nokuthi uqeqesha iBafana Bafana.”
Uphinde waveza indima edlalwa yiChiefs ebholeni lakuleli, ethi ngeke lifane ibhola lakuleli uma kungathiwa ayikho.
“Ibhola laseNingizimu Afrika alifani ngaphandle kweChiefs. IChiefs idlala indima enkulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngisho nangaphandle. Ngakho uma kufika umqeqeshi omusha, kumele kuqinisekiswe ukuthi umuntu ofanelekile.
“Ngabe uzokwazi ukujwayela umsebenzi kungekho owakuleli omsizayo, omfundisayo ngesiko leChiefs?
“Lokho kungenzeka kube yinkinga. Angisho ukuthi uzohluleka noma ngimfisela ukuthi ahluleke… Ngisho nje izinto okumele azibheke.
“Nokuthi abalandeli bazoba nesineke kangakanani ngaye. Awuyi kwiChiefs uyozama nje.
OLUNYE UDABA: Sekunolunye uguquko ngabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns
“Uya kwiChiefs ukuyonqoba. Kumele athole indebe eyodwa, ajabulise ngayo abantu bese akha kahle ke iqembu…”