
Abasiswe yiChiefs kwiSiwelele bavumelekile ‘ukuyidla’
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze uthi uSamkelo Zwane noHappy Mashiane bakhululekile ukudlala uma iqembu abasiswe kulo iSiwelele FC libhekene nabo.
Njengamanje laba bobabili babolekiswe Amakhosi kwiSiwelele FC kuze kuphele le sizini yeBetway Premiership.
Amanye amakilabhu ayaye afake umbandela wokuthi abadlali ababolekise ngabo bengadlali uma lawo maqembu abasiswe kuwo ebhekene nawo.
Kodwa uKaze uthi asikho isigatshana esinjalo esinamathiselwe ezivumelwaneni zokubolekisana ngalaba badlali ababili njengoba bebasise ukuze bathole ukudlala njalo.
IKaizer Chiefs izobhekana naleli qembu elisanda kusungulwa emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
EzikaKaze ziya kulo mdlalo ngemuva kokudlala ngokulingana neSimba SC kwiCaf Confederation Cup ngempelasonto.
ISiwele igcine ukudlala ihlulwa ngo 1-0 yi-Orlando Pirates kwiCarling Knockout ngaphambi kwekhefu leFifa.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo, uKaze uthe asikho isigatshana esibavimbela uMashiane noZwane ukuthi badlale.
“Siyayiqapha inqubekela phambili yabo ngoba sinelungelo kubo. Njengabaqeqeshi kumele ngakho siqaphe inqubekela phambili yabo ukuze sibone ukuthi yini esifuna ukuyenza ngabo ngesizini ezayo.
“Ngokuphambene namanye amaqembu abolekisa abadlali futhi angabavumeli ukuthi badlale nawo, sibavumele badlale ngoba sifuna ukubabona enkundleni.”
FUNDA NALA | IPirates ihlukunyeziwe eCongo, oweMetro FM
UZwane usedlale kathathu kuyo yonke imiqhudelwano kusukela ejoyine iSiwelele kule sizini kanti uMashiane usadlale kanye engena esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili.
- IChiefs ibophele kanje (4-4-2): Peterson – Frosler, McCarthy, Kwinika, Miguel – Shabalala, Vilakazi, Mthethwa, Cele – Duba, Ighodaro
- Ebhentshini: Bvuma, Cross, Monyane, Ndlovu, Maboe, Sirino, Velebayi, Lilepo, Mayo
- ISiwelele ibophele kanje:
- Ebhentshini:
