EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns iphenduke utalagu ibhaxabula iSiwelele

IMamelodi Sundowns ishaye iSiwelele FC ngo-3-0 eLoftus Stadium ngoLwesithathu ebusuku ukuze ivule igebe lamaphuzu ayisithupha phezulu kwilogi yeBetway Premiership.

AmaBrazilians akhombise zisuka ukuthi ayawafuna amaphuzu, kodwa iSiwelele yadaza inkani kwaze kwayiwa ekhefini zibambene ngo-0-0. 

Unozinti obedlala umdlalo wakhe wokuqala kwiSiwelele, uWandile Mthombeni uvimbe amabhola amabi abethunyelwa yiSundowns. 

Nokho izinto zijikile ngomzuzu ka-58 ngesikhathi uKutlwano Letlhaku ebhakuzisa inethi eseyedwa ebhokisini leSiwelele. 

USiyanda Ndlovu, obengene esuka ebhentshini, ushaye elesibili ngomzuzu ka-79 ngaphambi kokuba aphakele omunye abasuke naye ebhentshini uTashreeq Matthews ukuba ashaye elesithathu.

Umphumela ugcina irekhodi leMamelodi Sundowns lokungehlulwa kule sizini kwilogi.

Manje ihlezi phezulu ngamaphuzu angu-19 emva kwemidlalo eyisithupha, lapho inqobe emihlanu, yadlala ngokulingana kowodwa.

ISiwelele yona ayikanqobi kule sizini, kanti isadlale ngokulingana kabili, yahlulwa kane emidlalweni eyisithupha.

UGodfrey Mosoetsa ubesebhentshini okokuqala kwiSiwelele emva kokuba kuxoshwe uLehlohonolo Seema nephini lakhe uWillem Jackson ekuqaleni kwaleli sonto.